Lubhalwe nguLinda Ximba
Umsakazi woKhozi FM odumile uKhathide “Tshathugodo” Ngobe usethole uthuba lokuba umethuli wohlelo likamabonakude.
Ehambisana nomsakazi ophinde abe umethuli wohlelo lweMoja Love uNtombi Mzolo, uNgobe uzokwethula uhlelo lukamaskandi olubizwa ngokuthi Yash’Ingoma kuMzansi Magic ngehora lesihlanu ntambama ngeSonto.
Ngonyaka odlule uke wathwala kanzima emsebenzini wakhe wokusakaza ngemuva kokumiswa izinyanga ezine i-SABC ngenxa yokungaziphathi kahle.
Ngemuva kokumiswa mayelana nezinsolo zenkohlakalo ohlelweni lo Khozi FM lwengoma ehlukanisa unyaka, abaningi baqale ukubhala umlando ngekusasa lakhe.
Kodwa ngemuva kokufunda isifundo sakhe kabuhlungu, uNgobe ugila izimanga ngokuphatha uhlelo emsakazweni omkhulu kuleli.
“UNkulunkulu usebenza ngendlela eyisimanga. Abathandi bakamaskandi kumele bazilungiselele ngohlelo oluzoqala ngomhlaka-15 kuMasingana,” kusho uNgobe ekhuluma ngohlelo azoba kulo.
“Njengoba sizoba nomakadebona embonini, sizohlinzeka ngenkundla kwabasanda kungena kumaskandi ngobaabakutholi ukuhlonishwa nethuba lokuveza ithalente labo. Sihlose ukwenza umehluko ngalolu hlelo.”
UNtombi owayeyilungu leqembu kumaskandi “Amaponi”, uthe ababukeli bangalindela ukubona bukhoma izingoma zabaculi abafana noyise iHhashi Elimhlophe, Inkosi Yamagcokama, uKhuzani, uSminofu nabanye abaningi.
UNgobe wazakhela uthando emsakazweni ngesikhathi ethula uhlelo lukamaskandi oludumile olubizwa ngokuthi Sgiya Ngengoma olwamhlomulisa ngezindondo eziningi.
Lo msakazi useke wathintwa ukuba azokwethula noTeboho Mahlalela ohlelweni lomculo wesintu olukhonjiswa ku-SABC 1 i-Roots.
Lo methuli onethalente waKwaNongoma enyakatho ne-KZN naye unekhono njengoba eseke walingisa emdlalweni waku-e-tv Imbewu: The Seed ne-Durban Gen.
Osesithombeni esingenhla: UKhathide “Tshathugodo” Ngobe
Umthombo wesithombe: @PopPulseSA