ISilo uMswati usolwa ngokushaya uNdlunkulu

Kuthiwa iSilo uMswati wase-Eswatini ushaye unkosikazi wakhe uSibonelo Mngomezulu. Kubikwa ukuthi uthola ukwelashwa esibhedlela sakuleli ngenxa yokulimala kwakhe.

UNdlunkulu kaMngomezulu (owaziwa ngelikaLaMbikiza) usuke e-Swatini ngomhlaka-15 kuNcwaba ngokusho kwe-Swaziland News okuyiyona eshicilele udaba lwezinsolo zokushaya.

“Iphasiphothi yakhe ithi ufike kuleli ngendiza engu-3DC-SWz ngezithuba zabo-10:54 ekuseni,” kubika leli phephandaba.

ULaMbikiza ungowesithathu emakhosikazini angu-15 eSilo uMswati futhi ngokusobala kuthiwa “umbuze” ngobaba wangempela wendodana yeNkosazane uSikhanyiso, iNkosana uPhikolezwe”.

Okhulumela i-Swaziland Solidarity Network (SSN) uLucky Lukhele, utshele i-Swaziland News ukuthi: “Ngiyazi ukuthi uLaMbikiza ushaywe iSilo uMswati waze waphuma amazinyo.”

Okhulumela iSilo uPercy Simelane, uthe: “Asazi. Ubuso bomphakathi beSilo buyindawo yethu esiyithakaselayo nesikhathazayo. Ngakho-ke ngeke sisazi ukuthi kwenzekalani uma sekuvalwe iminyango futhi noma yimuphi umzamo wethu wokubuza ngalesi sigameko kungaba [ukuhlasela] ubumfihlo bakhe.”

Izihloko zakamuva