Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sisinde engozini ngesikhathi izimoto abehamba nazo zishayisana ne-VW Polo ngoLwesibili.
Esitatimendeni esikhishwe nguNdunankulu woMdabu uMfundisi uThulasizwe Buthelezi, iSilo besihamba eVryheid, enyakatho neKwaZulu-Natal ku-R34 ngenkathi kwenzeka le ngozi.
Uhide lwezimoto lushayisane ne-VW Polo okuholele ekutheni imoto yoHlanga ishayeke.
Kodwa uButhelezi uthe iSilo siphephile kanti bekuyingozi encane.
“Uyaphila futhi uphume engenamyocu uNgangezwe Lakhe engozini encane, ngike ngakhuluma naye izolo ebusuku. ISilo sijabule kakhulu sangitshela ukuthi sonke lesi sigameko bekuyinto encane,” kusho uButhelezi.
UButhelezi wehlise uvalo esizweni samaZulu wathi asikho isizathu sokukhathazeka.
Uthe uNgangezwe Lakhe uzoqhubeka nemisebenzi yakhe yansuku zonke ngokwengamela ukuvulwa ngokusemthethweni kwePrincess Mkabayi Regional Mall eVryheid.
Kulindeleke ukuthi iSilo sivule ngokusemthethweni inxanxathela yezitolo iPrincess Mkabayi Regional Mall eyakhiwe ingxenye yezamabhizinisi iRaux Shabangu.
Inxanxathela yezitolo iqanjwe ngeNkosazana enkulu yesizwe samaZulu eyaba i-African feminist yokuqala.
Inkosazana uMkabayi akakaze ashade empilweni yakhe.
Wayenebutho lakhe eVryheid futhi isigodlo sakhe sasibizwa ngokuthi Abaqulusi.
Walwela iSilo uShaka KaSenzangakhona ukuthi athathe isihlalo sobukhosi bakwaZulu ngemuva kokulahlwa nguyise iSilo uSenzangakhona.
Inxanxathela yezitolo eqanjwe ngaye ibusiswe iSilo esesakhothama uZwelithini kaBhekuzulu noMntwana uMangosuthu Buthelezi naye ongasekho.
Izodlala indima ebalulekile ekwakheni amathuba emisebenzi.
Iphinde ibe sezingeni lenxanxathela yezitolo ezinkulu eNingizimu Afrika njengeGateway neMall of Africa.
Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu KaZwelithini osinde engozini yemoto
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
King Misuzulu survived road crash with VW Polo