Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Indlulamithi yamakhosi ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma emcimbini wokuThela Amanzi obusesigodlweni kwaKhangela Amankengana ngoLwesihlanu.
Besikade sihlaba ikhwelo lokucela izintombi ziphume ngobuningi ukuzobayingxenye yalo mkhosi walo nyaka ozoba ngoNcwaba (August) esigodlweni eNyokeni ngoba kuzobe kuhlangana iminyaka engu-40 wavuselelwa.
“Ngiyanithembisa ukuthi kulo mkhosi wakulo nyaka ngizokhetha intombi. Ngakho ngiyacela ukuba izimbali zesizwe ziphelele, ziphume ngobuningi bazo ngoba sizobe sigubha iminyaka engu-40 lo mkhosi wavuselelwa,” kusho Indlulamithi yamakhosi.
Ikusho lokhu nje isike yagxekwa ngokuthi selokhu yangena esihlalweni ayikaze ikhethe itshitshi kulo mkhosi yize izintombi ziyifuna phansi.
Okwamanje usuku alukamenyezelwa ukuthi lo mkhosi uzoba nini kodwa sekuyaziwa ukuthi ungenyanga ezayo.
Lo mkhosi wavuselelwa uMdlokombane nokwathi ngo-1984 wakhetha intombi okwaba uNdlunkulu uMaMchiza waseNyokeni nonguthishanhloko kwesinye sezikole ezikwaNongoma.
Ngaphandle kwalokho uMdlokombane uphendule lo mkhosi isiko lokuthuthukisa abesifazane ngokwemikhakha eyahlukene ngokwempilo okubalwa ezemfundo namathuba emisebenzi nokuziphatha.
Ngenxa yalokhu iminyango kaHulumeni igcine isiqhamuka nezinhlelo zokuthuthukisa izintombi okubalwa nokulethwa kwezikhungo zeMfundo ePhakeme ukuba zizosiza izintombi ngamathuba emikhakheni yezifundo ezingazikhetha kuwo uma seziphothule umatikuletsheni.