Isilo uMisuzulu siphiwe ngonyanyavu lwemoto

Celani Sikhakhane

Ngemuva kokuthi uhulumeni waseKZN uvimbe Isilo uMisuzulu kaZwelithini ukuthi asebenzise izimoto zeSilo esakhothama, umalume wakhe uMakhosetive Mswati III umuphe imoto entsha ceke.

Uhulumeni ushaye uMisuzulu ngembibizane yokuthi angazisebenzisi lezi zimoto kuze kube ubekwa esihlalweni sobukhosi ngokusemthethweni.

UMswati unike uMisuzulu i-BMW 7-series ebiza imali engaphezu kuka-R2 million.

Imoto entsha yohlobo lwe-BMW yethulwe kuMisuzulu ngoLwesibili  kumalungu omndeni nakwizivakashi eNdlunkulu yaseMachobeni oPhongolo.

Samsung Galaxy 14G

UMswati ungumfowabo kamama kaMisuzulu ongasekho, uNdlunkulu obiyibamba uMantfombi Zulu MaDlamini.

Umthombo osenkantolo yasebukhosini utshele i-Scrolla.Africa ukuthi kunenye imoto yohlobo lwe-Mercedes-Benz enikwe uMisuzulu ngusomabhizinisi waseThekwini.

I-ANC Women’s League (ANCWL) eKZN isinxuse uhulumeni wesifundazwe ukuthi ulusukumele lolu daba lwaseNdlunkulu kaZulu ukuze kugwenywe ukudideka osekudaleke emphakathini.

UNobhala wesifundazwe uNonhlanhla Gabela uthe amaqembu aphikisayo akwazile ukusabalalisa amanga ngohulumeni esizweni samaZulu.

“Abantu banombono wokuthi uhulumeni oholwa i-ANC uzonda iSilo uMisuzulu, futhi sifuna uhulumeni aye kubantu abachazele ngesinqumo sakhe sokuthi iminyango ivunyelwe ukubamba iqhaza ezindabeni zesintu,” kusho uGabela.

Okhulumela uhulumeni eKZN, uMnu Lennox Mabaso, uthe nakuba beyeseka iNdlunkulu bakubone kuyinto elungile ukuthi banike umndeni wasebukhosini isikhathi sokuthi uxazulule izinkinga zawo ngaphandle kokuphazanyiswa.

“Ukumiswa kwemicimbi kanye nezimoto ingoba zisetshenziswa iNkosi kuphela,” kusho uMabaso.

“Uhulumeni bekumele athathe lezi zinqumo ukuze agweme ukubonakala sengathi uchemile”.

Scrolla World Cup Quiz