ISilo uMisuzulu sifuna ukukwazi ukulawula isabelomali saso

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Kuqhume isiqubulo ngesikhathi iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini eqala ukugadla kuhulumeni waKwaZulu-Natal.

Udalule intukuthelo yakhe ngesikhathi ekhuluma nabaholi bendabuko oLundi ngoLwesithathu, sifuna kulawuleke ngokuphelele isabelomali sombuso wakhe sika-R70 million.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini sithi sesikhathele ukulawulwa ihhovisi likaNdunankulu uNomsa uMaDube Ncube futhi sikhala ngokuthi asikwazi ukuthatha izinqumo ngaphandle kokugunyazwa yibo.

“Ngike ngafunda ezindabeni nje mayelana nalesi sabelomali okuthiwa ngesika-R70 million esabiwe ngesikhathi sesabelomali sonyaka wesifundazwe, kodwa angikaze ngasibona noma ngithinte nelilodwa isenti,” ekhononda.

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini udalule ukuthi kumele afune ukugunyazwa ngisho nasezintweni ezingabalulekile njengokuvakashela esigodlweni saso oPhongolo.

Ngokuzimisela ukubuyisela inkululeko yakhe, uthe, “Ngifuna ukulawula ngokugcwele izindaba zami kanye nesabelomali. Inkosi uThanduyise Mzimela useqokwe njengozongamela izindaba zeNgonyama nebhodi le Ngonyama Trust.”

Kuleli sonto iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini umemezele ukuqokwa kweNkosi uMzimela njengoSihlalo webhodi le Ngonyama Trust.

“Sekuyisikhathi sokuthi zonke izindaba ezithinta uBukhosi zifakwe ngaphansi kweNgonyama Trust.”

ISilo sizwakalise ukukhathazeka ngokuthi ubuholi baso bubukelwa phansi ngamabomu, sisola uhulumeni ngokumenza buthaka ngamabomu futhi ukuqondisa kubaholi bendabuko konke lokhu. 

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu waseKZN uNomsa MaDube Ncube

Isithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva