ISilo sivinjiwe ukuba sivakashele uShenge esibhedlela

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini asifuneki futhi sivinjiwe ukuba sivakashele uNdunankulu kaZulu esibhedlela inkosi uMangosuthu Buthelezi.

Ithimba lezokuphepha likaButhelezi lithole imiyalelo eqinile yokuthi uMisuzulu angavunyelwa esibhedlela njengoba uButhelezi esola iSilo ngokuba nesandla ngokugula kwakhe.

I-Scrolla.Africa sibike ngesonto eledlule ukuthi uButhelezi ungeniswe egunjini labagula kakhulu futhi akasakwazi nokukhuluma.

Okhulumela umndeni wakwaButhelezi, uBhekuyise Buthelezi uthe ngeledlule uButhelezi uke waba nezinkinga ngemuva kokuhlinzwa ngenxa yezinhlungu eqolo.

NgeSonto, iScrolla.Africa sithole ngemithombo ethembekile ukuthi Isilo besifuna ukuvakashela uButhelezi esibhedlela sase-Richards Bay ngaphambi kokuthi ayiswe esikhungweni esiseThekwini, kodwa kwathiwa singazihluphi.

“Enye yamadodakazi kaButhelezi ikhiphe imiyalelo ecacile eSilweni ngesikhathi sifonelwa ukuthi akumele sivakashe ngoba uButhelezi egula kungenxa yaso noMntwana u-Afrika Zulu. Ayizange imtshele ukuthi uButhelezi usedluliselwe esibhedlela saseThekwini,” kusho umthombo.

Ekuqaleni kwalo nyaka uButhelezi watshela iNdlunkulu ukuthi uMisuzulu kaZwelithini usemfulathele futhi ubona sengathi akasamhloniphi.

Uke waveza ukuthi kunesikhathi lapho iSilo uMisuzulu sake sehla sadilika kuye.

Ngesonto eledlule, uMntwana u-Afrika watshela i-Scrolla.Afrika ukuthi Isilo asikwazi ukuvakashela undunankulu esibhedlela ngoba isiko alisivumeli ukwenza lokho. Uthe iSilo asiyi ezindaweni ezinabantu abashonile noma emingcwabeni.

NgeSonto, ukuphikile ukuthi yena neSilo bavinjelwe ukuyobona uNdunankulu kaZulu esibhedlela wathi uButhelezi unobudlelwano obuhle nehhovisi lakhe futhi bayaziswa ngokuqhubekayo ngesimo sakhe.

“Akusilona iqiniso ukuthi sivinjelwe ukuvakashela uNdunankulu wethu esibhedlela. Empeleni umkhulumeli wakhe, uLiezl Van der Merwe, uyasazisa mayelana noNdunankulu. ISilo siphinde sacela isizwe ukuthi sikhulekele uMntwana uButhelezi ngoba usadlala indima ebalulekile esizweni futhi uyilungu elibaluleke kakhulu lomndeni wasebukhosini bakwaZulu elithandwa yibo bonke abantu,” kusho uMntwana u-Afrika.

Imizamo yokuthola uMntwana Bhekuyise Buthelezi izolo ukuze aphawule ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Okhulumela uButhelezi akazange awuphendule umyalezo athunyelelwe wona ku-WhatsApp.

Esithombeni esingenhla: UMntwana uMangosuthu Buthelezi usalulama esibhedlela esiseThekwini.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva