Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Isilo uMisuzulu kaZwelithini asiyingeni indaba yokukhalaza kukaNgqongqoshe wezokuBuyiselwa koMhlaba uMnuz Mzwanele Nyhontso ngokumisa amalungu ebhodi leNgonyama Trust nezikhulu zakhona njengoba esetshele onogada bamahhovisi ukuthi bangalinge bazivumele ukuba zingene ngaphakathi.
Lo myalelo ukhishwe ngoLwesihlanu ngesikhathi kutheleka abenkampani yabaMmeli okuyiVan Ransberg Rakwena Attorneys okuyiyo ejutshwe iNdlulamithi ukuba izophenya ngenkohlakalo kwiNgonyama Trust.
UMnuz Stephen Rakwena utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abebezokwenza emahhovisi eNgonyama Trust bekungukuzothatha imiqulu abazoyidinga ophenyweni abalwenzayo kodwa nayo ayiphelelanga.
“Njengokomyalelo weSilo, sifikile emahhovisi sadlulisa nezincwadi ezibikela abasebenzi ngokumiswa kwezikhulu zeNgonyama Trust kanye namanye amalungu ebhodi. Siphinde sazama ukuthola imiqulu esizoyidinga ophenyweni lwethu kodwa kukhona esigcine singayitholanga, esithemba ukuthi uma sibuya ngesonto elizayo sizoyithola yonke,” kusho uRakwena.
Uphinde wachitha izinkulumo zesikhulu seNgonyama Trust okunguMnuz Vela Mngwengwe zokuthi uRakwena abamazi uthunywe ubani ngoba akaqokiwe ibhodi okuyilo elinamandla okuqoka umuntu.
Uthe ayikho leyonto ngoba iSilo njengoSihlalo webhodi nokuyiso kuphela esengamele iNgonyama Trust sinamandla okuqoka noma ubani esifuna asimele njengoba sesiqoke yena kulolu phenyo.
Kwenzeka lokhu nje uNgqongqoshe Nyontso uthe uselinde iSilo siphume emgonqweni ukuze azoxoxa naso ngoba ngokwakhe sithathe ngamawala.
