Isilo sitshele uNgqongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba ukuthi kukhala isicathulo saso kuNgonyama Trust ngomhlaba kaZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo samaZulu simtshele kwezikabhoqo uNgqongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya kuleli ukuthi kukhala isicathulo saso kuNgonyama Trust ngakho sinawo wonke amandla okuthatha izinqumo ngebhodi.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sikusho lokhu encwadini esiyibhalele uNgongqoshe uMzwanele Nyontso ngoLwesibili ntambama ebesivutha kuyo singabaselwe.

Simtshele nokuthi ngokwezigaba ezithile zeNgonyama Trust sinikwe igunya lokuba uSihlalo webhodi ngaphandle kokuthi size siqokwe noma siphakanyiswe njengoba kwenzeka kuwona wonke amalungu ebhodi.

“NjengeNkosi yesizwe samaZulu ebhekele umhlaba kaZulu, nginalo lonke ilungelo engilinikezwa izigaba zomthethosisekelo weNgonyama Trust ukuba ngithathe izinqumo egameni loMbuso. Ngakho kangiqondi ukuthi uNgqongqoshe ukuphikiselani lokhu,” kusho Isilo.

Sithe kuyamangaza ngoba mhla zimbili kuZibandlela samubhalela uNgqongqoshe ngezinyathelo okwakumele zithathelwe ibhodi leNgonyama Trust kodwa kuze kube manje akakaze aphendule.

Sibuye satshela uNgqongqoshe ukuthi kuningi osekwenzeke kuleli bhodi leNgonyama Trust kanti besibala nokubukelwa phansi esikutholile kumalungu esikhala ngokuthi agcine esesishaya ngesithende emihlanganweni.

Siveze nokuthi sesigudluzwe ngisho ekusayineleni izimali zeNgonyama Trust ebhange ekubeni singazi.

Kulokhu sikhomba ngenjumbane amalungu athile ebhodi kanye nesikhulu u-Advocate Vincent Mngwengwe. 

NgoLwesibili ngesikhathi siqeda ukuthumela incwadi uNgqongqoshe, simubone kumabonakude edalula ukuthi usexhumene naso wathumela incwadi ngodaba lwebhodi leNgonyama Trust elimisiwe.

Sivele sahleka sabuza abesinabo ukuthi iyiphi le ncwadi uNyontso akhuluma ngayo ekubeni engakaze asifonele kodwa uqhamuke esesiphoxa kwabezindaba ethi asinamandla emhlabeni kaZulu.

U-Advocate Vela Mngwengwe ethintwa i-Scrolla.Africa uthe akulona iqiniso ukuthi iSilo basigudluzile ekusayineleni izimali zeNgonyama Trust.

Uthe empeleni besingakaze siqokwe ngoba bekulokhu kusenguSihlalo osahamba uMnuz Jerome Ngwenya obekusasayina yena.

“Kuthe uma sisesezinhlelweni zokuguqula lokho ukuze sifake obesenguSihlalo omusha iNkosi uThanduyise Mzimela, wabe esekhishwa singakaphothuli lutho kwagcina lapho. Ngaphandle kwalokho angikholwa ukuthi iSilo siyakuqonda ukusebenza kwebhodi. Empeleni asinawo amandla okuthatha izinqumo ngaphandle kwebhodi. Ngisho ukuqokwa kwabammeli uVan Ransberg Kruger Rakwena Attorneys akukho emthethweni ngoba kumele baqokwe ibhodi hhayi uSihlalo eyedwa eceleni,” kusho uMngwengwe.

Izihloko zakamuva