ISilo sithi sesikwamukele ukuthi sesiyoze sife sibangiswa isihlalo saso

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sithi sesikwamukele ukuthi sesiyoze siyethuneni sibangiswa ngesihlalo saso sobukhosi.

Sikusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi sigcoba inkosi uMzamo Buthelezi waseMbongombongweni oPhongolo.

“Ngiyakubongela nkosi yesizwe saseMbongombongweni ngoba wena emndenini wakho ngibona inhlonipho. Akekho okubangisayo. Phela amakhosi amaningi awabusi ngokunethezeka ngoba kuyabangwa. Mina nje sengikwamukele ukuthi sengiyoze ngibizwe uNkulunkulu ngibangiswa isihlalo. Phela angihleli ngokukhululeka kunzima ngiyabangiswa,” kusho ISilo.

Siphinde sabonga umndeni wakwaButhelezi ngokuma naso kunzima sathi yingakho siziqhenya ngokuzobeka iNkosi yakwaButhelezi.

“Ukube uMntwana wakwaPhindangene wayengekho ngabe angikho la. Ngabe kumi enye indoda eningayazi njengeSilo. UShenge waphinde wenza omkhulu umsebenzi walanda iNdlovukazi uMantfombi eSwatini ukuba izogana uMdlokombane ukuze kuzalwe mina. Ngakho ngiyaziqhenya ngobukhosi bakwaButhelezi ngoba kusekhaya lapha,” kusho Indlulamithi uMisuzulu. 

ISilo siveze nokuthi iNkosi uMzamo Buthelezi kwakumele igcotshwe uMdlokombane ngemuva kokuba yenza isiko lokuthela amanzi kodwa sekunguye oseqedela lo msebenzi.

INkosi uButhelezi ithe kube uhambo olunzima lolu nolunezinyembezi ngoba ilinde iminyaka engu-20 ukuze igcotshwe.

“Ngiyafisa ukuthi ngabe uMntwana wakwaPhindangene ubekhona ngoba ungilwele kulolu hambo. Bekuwuhambo obelugcwele ubuhlungu nezinyembezi njengoba namhlanje iSilo samabandla sizophetha lo msebenzi,” kusho uButhelezi. 

Lo mcimbi ubunedumela isifundazwe sonkana kanti abantu bebengangoZulu eyeMakheni ngenxa yobuningi babo.

Abaholi baHulumeni kaZwelonke nasesifundazweni namakhosi bebephume ngothi lwabo.

Ubukhosi baseMbongombongweni buseNgoje oPhongolo kanti buyingxenye yezindlu zakwaButhelezi ezintathu nezibalulekile okuyibo eyakwaPhindangene neyaseMcakeni.

Izihloko zakamuva