Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo sesizwe sabaThembu uZwelibanzi Buyelekhaya Dalindyebo uzwakalise isifiso sakhe sokuthatha umhlalaphansi kusenesikhathi ukuze unkosikazi wakhe uNdlunkulu uNokwanda athathe izintambo zobukhosi.
Uma uNdlunkulu uNokwanda ethatha isihlalo sobukhosi uzoba uNdlunkulu wokuqala ukuhola lesi sizwe emlandweni wabaThembu.
ISilo uZwelibanzi udume ngokuphumela obala ngokuzwakalisa ukukhathazeka ngokungalitholi ithuba lokuchitha isikhathi nomndeni wakhe ngemuva kokubuya ekudingisweni ngo-1989. Ilungu loMkhonto weSizwe eliqeqeshiwe eliyiNkosana ladingiswa lineminyaka eyishumi kuphela ngo-1976.
Phakathi kwezinto ebezidingidwa ngabaholi bomdabu emhlanganweni wangasese obungesonto eledlule obusezindaweni zobukhosi baseNkululekweni eMthatha, ukubekwa noma ukugcotshwa ngokusemthethweni kukaNdlunkulu wasebukhosini ozobeletha iNkosana ezolandela esihlalweni sobukhosi sabaThembu.
Ngokusho kokhulumela iSilo uMthunzi Ngonyama uthe umhlangano uhambe kahle futhi uNokwanda ubekwe njengoNdlunkulu ozohola isizwe sabaThembu.
“Abaholi bendabuko bavumelene ngokuthi bazoletha izinkomo zokulobola uNdlunkulu uNokwanda njengoNdlunkulu ohola isizwe,” esho..
UDalindyebo useshade amahlandla amahlanu kanti kule mishado kubalwa umshado wakhe nabesifazane ababili uNdlunkulu uNokwanda kanye noNdlunkulu uNolitha ngosuku olulodwa ngo-2004.
UNolitha noNolwazi sebakhothama kanti iSilo sesahlukana namakhosikazi aso amabili uNocollege noNoluntu.
Njengamanje uhlala noNdlunkulu wakhe amqokile uNokwanda owayephakathi embangweni wesihlalo sobukhosi nendodana yeSilo u-Azenathi Dalindyebo ngesikhathi iSilo siboshiwe ngo-2015.
Isiphakamiso sokuthi uNdlunkulu Nokwanda athathe isihlalo sobukhosi sesiqubule imibuzo mayelana nemikhuba yendabuko yokulandelana esihlalweni sobukhosi sabaThembu.
Okhulumela uDalindyebo wenqabile ukuphawula ngalolu daba.
Esithombeni esingenhla: ISilo uZwelibanzi Buyelekhaya Dalindyebo nomkakhe uNdlunkulu uNokwanda
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe