Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse uhulumeni ukuthi aguqule indlela okuphiswa ngayo utshwala bamaganu ngenhloso yokudala amathuba emisebenzi.
Isilo sikusho lokhu ngesikhathi sethula inkulumo yaso emkhosini womthayi eJozini ngoMgqibelo.
Kulo mkhosi waminyaka yonke kusuke kugujwa isikhathi sokuvuna amaganu njalo ngoNhlolanja.
Izihlahla zamaganu zigcwele ezigodini zakwaMngomezulu kanye nesakwaTembe ngasemngceleni wase-Mozambique. Imiphakathi kulezi zindawo ivuna amajikijolo futhi izenzela obawo utshwala bamaganu.
Obunye utshwala babudayisa emigwaqeni yaseJozini kodwa utshwala obuningi bayabugcina ukuze bazijabulise ngabo ikakhulukazi uma kushisa.
Kodwa manje Isilo sesibatshelile ukuthi isikhathi sobumnandi siphelile.
“Sekuyisikhathi sokuthi nihlomule kwezomnotho ngalobutshwala ngoba buyingcebo yenu futhi kumele buthuthukiswe ukuze kuqedwe izinga eliphezulu labantu abangasebenzi esibhekene nalo esifundazweni sethu.
“Ngesikhathi ngithula inkulumo yami yokuqala ngesikhathi ngivula isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngikubeke kwacaca ukuthi sesiqala isahluko esisha. Sekuyisikhathi sokuthi abantu bakithi bathole izinzuzo kwezomnotho emisebenzini yabo yamasiko,” kusho imbube.
Iphinde yanxusa iNdlunkulu kaZulu ukuthi isondele emiphakathini futhi ibe yingxenye yokuthuthukisa umnotho wayo. Ufisa amalungu omndeni wasebukhosini bakaZulu ahambele umcimbi ngamunye osuke ubanjwe abaholi bendabuko nemiphakathi ukuze bakhe ukwesekwa kanye nesizwe esibumbene.
NgoLwesine ngesikhathi sethula inkulumo yaso yokuqala eMgungundlovu Isilo siveze ukuthi kunezinhlelo eziqhubekayo nezinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi umhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust uyathuthukiswa nokuthi imiphakathi ithola inzuzo kwezomnotho ngokwenza ibhizinisi layo.
Isilo sincome Inkosi uMabhudu Tembe ngokuvuselela umkhosi womthayi ngenhloso yokuthuthukisa umnotho wesizwe nokuheha izivakashi.
UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal u-Amanda Bani Mapena uveze ukuthi vele basezingxoxweni zokuthi bangenza kanjani ukuba amaganu abeyimboni ukuze umphakathi uhlomule.
Abesifazane kungenzeka bazuze kakhulu njengoba behamba phambili ekuvuneni.
NgoMgqibelo imbube ibigadwe uphiko lwe-VIP elivikela izigodlo nabakwa-SAPS.
Kodwa ngoLwesine ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isiShayamthetho saKwaZulu-Natali uphiko lwe-Presidential VIP Protection lukhiphe Isilo isinyelela ngemuva kokusuka kwezinxushunxushu ngesikhathi amalungu e-EFF ezama ukuvimba uNdunankulu uNomsa MaDube Ncube ukuthi ethule inkulumo yakhe yokuqala yesifundazwe.
Esithombeni esingenhla: Abesifazane basemakhaya bakwaTembe nakwaMngomezulu bephethe utshwala besintu amaganu bebungaza isikhathi sokuvuna ngoMgqibelo.
Umthombo wesithombe: UMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal