ISilo sikhala ngabeLungu abaqambela amanga iLembe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sikhomba ngenjumbane abeLungu esibasola ngokuphendula umlando weLembe ukuze libukeke njengondlavini esizweni. 

INdlulamithi yamakhosi ikusho lokhu ikhuluma eMkhosini weLembe obuse-Stanger, wokukhumbula iSilo sakwaDukuza uShaka kaSenzangakhona. 

Sithe kuningi okungelona iqiniso okwabhalwa abacindezeli ngeLembe.

“Kuningi abeLungu abakubhala okungelona iqiniso ngeSilo uShaka kaSenzangakhona. Ngisho uHulumeni wengcindezelo owawungabafuni abantu abamnyana wadlala enkulu indima ukusabalalisa imfundisoze ngeLembe,” kusho iNdlulamithi. 

Lo mkhosi waminyaka yonke wokukhumbula iLembe njengombumbi wesizwe samaZulu, waqalwa iSilo uBhekuzulu kaSolomon ngo-1954.

ISilo uBhekuzulu kaSolomon sawuqala lo mkhosi ngesikhathi sasembula itshe lesikhumbuzo seLembe elenziwa iSilo uSolomon kaDinuzulu ngo-1932 kodwa owakhothama engakalembuli.

Kuthe ngo-1995 lo Mkhosi weLembe wawuguqula uDkt Nelson Mandela owayenguMengameli wokuqala wentandoyeningi futhi omnyama kuleli nowawubiza ngokuthi uSuku lwamaSiko (Heritage Day).

Nokho amaZulu awavumanga ukuhlubuka kulo mkhosi njengoba esaqhubeka nokuwugubha nanamuhla.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini sisebenzise lo mkhosi ukukhumbuza uZulu ukuthi empeleni Ubuntu yinto yalesi sizwe.

Sithe ngakho uma kukhona abantu bakwamanye amazwe abafika eKZN, kufanele batshelwe ukuthi KwaZulu kuphilwa kanjani nokuthi kuneNkosi ebusa lesi sizwe.

Siphinde sadlulisa amazwi okuzwelana nabantu abakhahlamezwe yiqhwa nabavaleleke ku-N3 ezimotweni, bebulawa amakhaza.

Khona namuhla iSilo siphinde sagubha usuku lwaso lokuzalwa (obelungoMsombuluko) namabutho ngemuva kokuba sidluliselwe isipho sekhekhe iNxusa lase-India.

Izihloko zakamuva