ISilo sifuna kuqedwe izibhamu ezigcwele emahostela

Lubhalwa nguCelani Sikhakhane

ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ukhathazekile ngezigameko zokubulalana emahostela ahlukene aseThekwini.

NgoMgqibelo, ngesikhathi kunomkhuleko obuhanjelwe amabandla ehlukene KwaCeza enyakatho ne-KZN, Isilo  sizwakalise ukungenami ngokutholakala kwezibhamu ezisetshenziswa ukubulala abantu emahostela.

“Lesi yisikhathi sokuthi kube nenqwaba yamaphoyisa azokhipha izibhamu emahostela ethu. Abantu babulawa ubusuku nemini ngalezo zibhamu. Ngikhathazekile nangokuphepha kweziNduna esifundazweni sakithi njengoba zibhekene nezigameko zokubulawa kwabantu ngesihluku. Ngicela kwenziwe ubulungiswa ngokushesha odabeni lokubulawa kwabaholi bendabuko.”

Izindaba zokubulawa kwabantu ehostela i-Glebelands, uMlazi, eningizimu ye-Theku naKwaMashu zinyakazise isizwe njengoba sekubulawe abantu abangaphezu kuka-20 kusukela ngoNhlolanja nonyaka.

E-Gauteng abaholi bomdabu bazamile ukungenelela eTembisa lapho kushone khona abahlali basehostela ababalelwa kwabayisikhombisa baseNquthu naseMsinga kwalimala abanye ngenxa yezingxabano ezisuka kudlame lwamatekisi.

Isilo siphinde sacela ukuthi amabandla akhulekele uNdunankulu kaZulu uMntwana uMangosuthu Buthelezi.

Uthe uButhelezi useneqhaza elikhulu okumele alibambe ebukhosini bakwaZulu yingakho ecela nemikhuleko. Inkonzo ibihanjelwe ngamabandla ahlukahlukene okubalwa nabaholi bomdabu.

Uqinisekise abazalwane ukuthi umhlaba weNgonyama Trust awudayisi futhi ngeke abakhaphele abantu bakhe.

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uDkt Ntuthuko Mahlaba utshele amabandla ukuthi umnyango wakhe uhlela ukulungisa zonke izakhiwo ezindala lapho iSilo uDinuzulu esesakhothama besibambela khona imihlangano.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ehola umcimbi wamabandla kwaCeza ngoMgqibelo

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva