
Celani Sikhakhane
UMntwana wakwaPhindangene inkosi Mangosuthu Buthelezi unguNdunankulu wesizwe samaZulu, lokhu kuqinisekiswe Isilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini.
UButhelezi ungomunye wamalungu aphezulu ebukhosini bakwaZulu futhi ungumvikeli oqavile weNgonyama.
NjengoNdunankulu weSilo, uButhelezi kulindeleke ukuthi ahole ukugcotshwa kweSilo nokufundisa isizwe ngamasiko ayingxenye yomcimbi obalulekile.
Iningi labantu abangaphezu kwezigidi basebukhosini abakaze babone ukugcotshwa kweSilo ngesikhathi kubusa iSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuZulu iminyaka engamashumi amahlanu.
UButhelezi usebe isithenjwa samakhosi akwaZulu iminyaka engu-70.
ISilo sithe sidumele ngesenzo sikaMntwana u-Afrika wasoNkweni sokungamhloniphi uButhelezi.
“Uma ngidinga ukuxhumana nawe Mageba ngihlale ngikuthinta njengoNdunankulu wendabuko.
Ukuhlaselwa kwakho kuwukuhlasela mina uqobo,” kusho ingxenye yesitatimende seSilo.
UButhelezi unconywe ngeqhaza alibamba ekuvikeleni isithunzi seNgonyama yakwaZulu ngokwenza isiqiniseko sokuthi indlalifa efanele ithatha isihlalo sobukhosi phezu kwezingqinamba eziqhamuka ezinhlangothini ezahlukene zendlu yobukhosi bakwaZulu.
Ukhankasele ukuthi iSilo uZwelithini siqokwe njengeSilo samaZulu ngo-1971.
Indaba Eyiqiniso: endabeni yakamuva imibono kaMntwana u-Afrika Zulu ishicilelwe ngabakwa-Scrolla.Africa.
UMntwana Afrika usenezinyanga eziveza njengo mkhulumeli osemthethweni weSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Uveze ukuthi amalunga eNdlunkulu kaZulu ehlukene phakathi ngokuthi ubani okumele abe nguNdunankulu ngaphansi kweSilo.
ISilo sikuqinisekisile ukuthi uMntwana u-Afrika akakaze aqokwe njengo mkhulumeli waso wathi kumele akhishwe kuzo zonke izindaba zaseNdlunkulu kaZulu.
UMntwana uThulani Zulu waseZibhindini ungumkhulumeli weSilo ngokusemthethweni.