Lubhalwe NguCelani Sikhakhane
Isilo sivele saqoka ukufihla induku emqubeni ngokuqokwa kukaNdunankulu kaZulu omusha ngesikhathi sijika umqondo ekuseni emkhosini waseSandlwane obuseNquthu ngoLwesithathu.
INgonyama uMisuzulu kaZwelithini itshele amabutho nezithameli zalo mkhosi ukuthi ngenxa yokuthi naso siphethwe, asizukumemezela lutho ngoba sisahlonipha ukuthi sisemgonqweni woMkhosi woSelwa.
“Ngiyazi kukhona abalinde ukuba ngikhulume ngebhange iThala neNgonyama Trust. Okwamanje ngifakwe ingubo emlonyeni, angikavunyelwa ukukhuluma ngezindaba zombuso kaZulu. Konke okumele ngikusho, sengiyokwenza uma sekuvulwa iSishayamthetho,” kusho iSilo.

Kulo mkhosi bekubhekwe ukuba iNdlulamithi imemezele iNkosi Phathisizwe Chiliza njengoNdunankulu kaZulu omusha. Kunalokho iNkosi uChiliza kube yiyo eyethula iSilo nokuwumsebenzi kaNdunankulu kaZulu owenziwe uMntwana wakwaPhindangene iminyaka.
Ngaphandle kwalokho uMntwana uNathi wakwaMandlakazi usanda kuqokwa ngemuva kokuxoshwa kukaMntwana uSimphiwe wakwaMinyamanzi, ubonakale ephethe uhlelo ngokumela iNgonyama kulo mkhosi.
ObenguNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ubekhona kulo mkhosi ehamba namabutho kodwa ehlaliswe njengoba esexoshiwe kulesi sikhundla.

ISilo simubingelele samethula njengoMfundisi njengoba engaseyena uNdunankulu kaZulu.
Lo mkhosi waseSandlwana uyinqophamlando kuZulu ngokunqoba impi yamaNgisi ngomhlaka-22 kuMasingana 1879 eyaqala phansi entabeni iShiyane.
Ibutho elanqoba kwabe kungeleSilo uCetshwayo kaMpande nelalisatshwa ngokuba namandla.
Isilo sithe leyompi yaliwa kubuywa eMkhosini woSelwa esiveze ukuthi usaqhubeka esigodlweni eMashobeni kuze kube kushiswa izinti.
