ISilo sesizwe samaZulu sithole igunya lobukhosi ngomthetho wezinwele kaShembe 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu sithole imvume ngokugunda izinwele zaso yize kunemithetho eqinile yeBandla lakwaShembe, kodwa kumele siwuphule umthetho ngoba simele zonke izinkolo njengeNkosi yesizwe samaZulu.

Ibandla livamise ukulwa nezikhungo eziphoqa amalungu ukuthi agunde izinwele kodwa enze okuhlukile emsebenzini weSilo.

Ibandla  iNazareth Baptist Church lithi iSilo uMisuzulu KaZwelithini uvumelekile ukugunda izinwele nakuba kuphambene nemithetho yebandla.

ISilo sibonakale sigundile ekhanda ngenyanga edlule ngemuva kokubhabhadiswa ngumholi waseBuhleni uMduduzi Nyazilwezulu Shembe.

Okhulumela ibandla uThokozani Mncwabe uthe nakuba amalungu engakwazi ukugunda amakhanda nentshebe, iSilo sithole imvume ekhethekile. 

“ISilo sivumelekile ukuthi siphule eminye yemigomo yethu ngenxa yemisebenzi yaso njengomholi wesizwe esakhiwe ngezinkolo ezahlukene, iSilo sivumelekile ukusebenza ngoMgqibelo okuyiSabatha kithina,” usho kanje.

ISilo uMisuzulu sajoyina uShembe ngaphambi kokuba yiSilo, sathatha enye indlela ehlukile kweyaseNdlunkulu njengoba belandela iBandla lamaSheshi. Uyise, iSilo esesakhothama uZwelithini wayekhonza ebandleni laseSheshi elizinikele ibandla elaqala ukusonta kulo iSilo uMpande ngo-1843.

Ibandla lakwaShembe lilandela imfundiso yebhayibheli yokuthi izinwele ziwumthombo wamandla endoda, njengakuSamsoni.

Sebelwe izimpi eziningi bebanga imithetho yezinwele, bebhekana nezikole namaphoyisa lapho amalungu ephoqeleka ukuthi agunde.

Bake bakhala ngisho kwiKhomishini Yamalungelo Abantu lapho amalungu ebhekene nokucwaswa ngezinwele zabo.

Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu KaZwelithini sithuse abaningi ngesikhathi siqhamhka sigundile okuphambene nemithetho yebandla layo iShembe Nazareth Baptist Church.

Umthombo: Celani Sikhakhane

Izihloko zakamuva