ISilo sivale amabhulukwe notshwala eMhlangeni

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo uMisuzulu kaZwelithini simemezele imithetho eqinile ngoMkhosi woMhlanga ozayo, lapho izintombi ezingaphezu kuka-50 000 zibuthene khona ukuzogubha iminyaka engu-40 kwasungulwa lo mcimbi esigodlweni saseNyokeni KwaNongoma.

Imithetho kuhloswe ngayo ukugcina izintombi ziphephile futhi zihlonishwa ngesikhathi somkhosi.

Umthetho obalulekile ukuthi amadoda kufanele ahlale okungenani amamitha amathathu ukusuka ezintombini. Abathwebuli bezithombe nabo abavunyelwe ukuthatha izithombe ezikhombisa isingezansi.

Abesifazane abasuke behambele lo mcimbi, okuhlanganisa izivakashi nezintatheli, abavunyelwe ukugqoka amabhulukwe, nabesilisa abakwazi ukungena esigodlweni uma begqoke izigqoko.

Ama-drones awavunyelwe kulo mcimbi, utshwala nezibhamu akuvunyelwe.

ISilo esesakhothama uZwelithini kaBhekuzulu yethula le mithetho okokuqala ngemuva kwezinkinga emicimbini edlule, okubalwa kuyo izivakashi ezithatha izithombe ezingafanele zezintombi. Ezinye zalezi zithombe zisetshenziswe kumawebhusayithi angekho emthethweni.

Ngokudlue kuke kwaba nemibiko yamantombazane asemancane ahambele uMkhosi woMhlanga ngaphandle kwemvume futhi aphuza utshwala.

Lawa mantombazane abengeyona ingxenye yamaqembu ezintombi ezisemthethweni, abesifazane abadala nabaholi bendawo abebewagadile.

UNgqongqoshe wezokuThutha eKZN, uMnuz Siboniso Duma, uhoxise amabhasi angu-31 kwangu-177 abehlolwa ekuseni.

UDuma uthe la mabhasi abengaphephile ukuthi angakwazi ukuthutha izintombi eziya eMkhosini woMhlanga.

Phambilini uMbuso kaZulu ulahlekelwe izintombi eziningi ezingozini ezidalwa amabhasi angaphephile.

Izintombi ziqale ukutheleka ngoLwesihlanu kanti umcimbi uzoqhubeka kuze kube yiSonto ntambama.

Izihambeli zamazwe ngamazwe ezivela eDenmark nase-Uganda sezifikile kulo mcimbi.

Isithombe ngenhla: ISilo uMisuzulu kaZwelithini.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva