Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
ISilo saMampondomise uZanozuko Matiwane uhlanganise isizwe sakhe wavuselela ubukhosi obabhuqwa ngesikhathi sobukoloni.
ISilo uZanozuko Matiwane uyinzalo yeSilo uNhlonhlo owaba iSilo sokugcina ngaphambi kokuthi amakoloni amaNgisi ahlasele acekele phansi umbuso wakhe.
Uqale ukubusa ngemuva kweSilo uMatiwane, iSilo uMajola, iSilo uNtoso, iSilo uNgxisi kanye neSilo uNjanya ukubala abambalwa.
NgoMgqibelo, aMampondomise agubhe isiko nobumbano lwawo esigodlweni esikhulu sase-Kroza lapho amukele ngokusemthethweni indodana yawo uFikile Mbalula ongunobhala-jikelele we-ANC bamnika igama elisha lendabuko elithi Jongizizwe.
UFikile Jongizizwe Mbalula utshele amakhulu abantu abebehambele lo mcimbi ukuthi kuyamjabulisa ukuthi akavakashile ukuyofuna usizo ebukhosini kodwa ukhona njengendodana yabo ukuzojabula nabo.
“Sinabaholi abavakashela ebukhosini babo kuphela uma besenkingeni ngamacala abo enkohlakalo. Ngakho sinokubabona beza kubaholi bendabuko bezocela izibusiso ngesikhathi beya ezinkantolo ngenxa yokweba kwabo,” esho.
UMbalula ungowakwaJola, kanti udabuka esizweni samaMampondomise. Okhokho bakhe bashiya ubukhosi bayohlala e-Free State beyofuna umsebenzi ngemuva kokuchithwa kombuso wabo.
UMbalula waze wenza isiko lokusoka e-Free State ngenxa yokufuduka kokhokho bakhe.
Ngemigubho yangoMgqibelo Amampondomise abuye abungaza ezinye izingqalabutho ezalwa nobukoloni, ubandlululo kanye nalabo abaya ekudingisweni belwela inkululeko yakuleli.
Esithombeni esingenhla: UNobhala Jikelele we-ANC uFikile Jongizizwe Mbalula
Umthombo Wesithombe: Twitter