ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini uyaziphika izinsolo zokuthi ubehlela umcimbi ngasese wokuqokwa kwakhe esihlalweni sobukhosi

Celani Sikhakhane

ISilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini uzichithile izinsolo zokuthi uhlela umcimbi ngasese  wokuqokwa kwakhe esihlalweni sobukhosi.

Lokhu kuvezwe yithimba labammeli beSilo uMisuzulu kaZwelithini ngoLwesine enkantolo enkulu yaseMgungundlovu lapho umalume wakhe, inkosana uMbonisi kaBhekuzulu efake khona incwadi emelene neSilo.

Ummeli uGriffiths Madonsela, obehola ithimba labammeli beSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini, utshele iJaji uPiet Bezuidenhout ukuthi awukho umcimbi ohleliwe wokugcotshwa kukaMisuzulu kaZwelithini mhla zintathu kuZibandlela.

Ubephendula izinsolo zethimba labammeli kamalume weNkosi uMbonisi, abathi iSilo sihlela umcimbi oyimfihlo wokuqokwa esihlalweni sobukhosi bakwaZulu.

Ngisho inkosana uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi ukuphikile ukuthi kukhona umcimbi ohleliwe wokuqokwa kwakhe esihlalweni sobukhosi.

Encwadini efungelwe ebhalwe phansi, uButhelezi uthe ukube ubukhona umcimbi onje ngabe uyawazi.

Lokhu kuholele ekutheni iJaji uBezuidenhout lihlehlise leli cala ukuze liqulwe ngesonto elizayo kanye necala elivulwe ngokuphikisana nencwadi yeSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu osakhothama.

Ngenxa yokuthi isinqumo asiphumanga nesivumelwano, iJaji uBezuidenhout liyalele ukuthi azikho izindleko ezizokhokhwa uMntwana uMbonisi.

Izihloko zakamuva