Isilo nethemba kwiKhabhinethi entsha ngezingxabano zomhlaba kaZulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isilo uMisuzulu kaZwelithini sibuyelwe ithemba ngeKhabhinethi entsha kaHulumeni woBumbano lukaZwelonke njengoba sikholwa ukuthi kuzolungiswa amaphutha athinta amakhosi nomhlaba wawo.

Lokhu sikusho ngoMsombuluko ngesikhathi sihalalisela imbumba yabaholi bezepolitiki abagcine bekwazile ukwakha uHulumeni wobambiswano omenyezelwe uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ngeSonto ebusuku.

Indlulamithi yaMakhosi ithe iyethemba ukuthi udaba oluthinta izinkinga zamakhosi nemihlaba yawo luzothola ukunakwa okufanele kulesi sigungu esisha.

Sikusho lokhu nje uMengameli uqoke umholi we-PAC uMnuz Mzwanele Nyhontso njengoNgqongqoshe wezokuBuyiswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya. 

Esitatimendeni esikhishwe uNdunankulu kaZulu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, Indlulamithi ishayele ihlombe abaholi bezombusazwe ngokuthi babeke ukungezwani kwabo eceleni kodwa bacabangele izwe.

“Lokhu kunginikeza ithemba lokuthi izingqinamba ebezibhekene namakhosi nomhlaba wawo zizobaseqhulwini kule khabhinethi eqokiwe,” kusho Indlulamithi yamakhosi. 

Phambilini lo Mnyango ubuphethwe uNkk Thoko maMsane-Dididiza nokugcine kungasekho ukubona ngasolinye phakathi kwakhe neNdlulamithi ngoba imsola ngokuthi ufuna ukweba umhlaba kaZulu ongaphansi kweNgonyama Trust. 

Lolu dweshu luholele ekutheni ubudlelwano bubemuncu phakathi kukaHulumeni obuholwa uKhongolose neNdlulamithi.

Kugcine ngokuthi Indlulamithi icasuke ibize umhlangano wamakhosi ukuzobika lolu daba.

Ngemuva kwalokho ilibangise komalume wayo eSwatini yafike yabhunga neNgonyama uMswati iii nethimba lezomthetho ngeqhingasu lokumangalela uHulumeni waseNingizimu Afrika enkantolo yamazwe omhlaba ngecala lokuzama ukweba umhlaba kaZulu. 

Izinsolo ebezibhekiswe kuHulumeni zigcine zidala intukuthelo esizweni samaZulu njengoba kukhona abebethi kungani uma osopolitiki befuna umhlaba bengathathi owamaBhunu ose-Orania bahlukane noZulu.

Izihloko zakamuva