Lubhalwe nguSihle Mavuso
ISilo sesizwe samaZulu sitshele iKhabhinethi yesifundazwe ngezinto esingathanda ukuzibona izenza eminyakeni emihlanu ezayo iphethe.
ISilo sibeke izifiso zaso izolo oLundi ngesikhathi uNdunankulu omusha uThami Ntuli ehola iKhabhinethi, eyothula oNgqongqoshe abasha bezifundazwe kuyo iNdlulamithi.
I-Scrolla.Africa sithole inkulumo esemthethweni yeSilo.
Kule nkulumo iSilo sithe ukuziphatha kwalabo abaphumelele okhethweni kanye nokusabela kwabahluliwe kubalulekile ekugcineni ukuthula.
“Ukuziphatha kwabanqobile nalabo okungahambanga kahle (kubo) okhethweni kubaluleke ngokulinganayo.
“Ngithanda ukuncoma abaholi, amalungu, nabalandeli bamaqembu epolitiki aqokelwe isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngokukhetha ukusebenza ngobuqotho phezu kwezingqinamba ezivelile.
“Yize abanye bengakuthatha kancane lokhu, kubalulekile ukubuyisa ukwethenjwa nokuhlonishwa kwabaholi nezikhungo zepolitiki,” kusho iSilo.
Sikhuluma ngqo noNtuli njengenhloko kahulumeni wesifundazwe, iSilo simcele ukuthi abhekane nokuntuleka kwemisebenzi nobugebengu esifundazweni nokuthi kubuyiselwe nengqalasizinda ebhidlikayo esimweni.
“Intsha yalapha ekhaya KwaZulu-Natal ayisebenzi. Abesifazane, izingane, nezalukazi bahlala ngokwesaba ngenxa yezenzo zalabo okufanele babe ngabavikeli babo.
“Ingqalasizinda iyawohloka ezindaweni zasemadolobheni nasemakhaya. Sikhungethwe ububi, izigebengu zenza noma yini ngaphandle kokujeziswa. Amadoda, izingane, abesifazane, izalukazi, izinduna namakhosi sebeyizisulu zodlame lwezibhamu.
“NjengeSilo senu, lesi simo singihlazisa kakhulu. Ngithandazela ukuthi eminyakeni emihlanu ezayo uhulumeni asebenze ngokubambisana ukushintsha lesi sithombe sasekhaya.
“Makube yisiqalo esisha lesi. Isikhathi sokusebenzisana, ukulalelana kanye nokuhlanganisa injongo yethu.” kubeka Indlulamithi.
Esithombeni esingenhla: ISilo uMisuzulu KaZwelithini nekhabhinethi entsha yaKwaZulu-Natal oLundi izolo.
Umthombo wesithombe: Sihle Mavuso