
Linda Ximba
Umhlaziyi wezemidlalo uDumile Mateza wakhulela e-Kareedouw e-Eastern Cape, lapho ayengenayo enye indlela ngaphandle kokufunda ukukhuluma isiBhunu – ulimi olwamlungiselela ukuba aphumelele emsebenzini wakhe wokuba ngumhlaziyi wezemidlalo ngezilimi eziningi.
Umhlaziyi wezemidlalo wakwa-SABC owaziwayo futhi ohlakaniphile udlule emhlabeni ngoLwesibili eneminyaka engu-62 ngenxa yesifo somdlavuza.
UMateza waqala umsebenzi wokuba nguthisha ngemuva kokuphothula umatikuletsheni esikoleni samabanga aphezuli i-Newell e-New Brighton ngo-1979.
Ngemuva kokufika emahhovisi akwa-SABC e-Auckland Park ngemuva kokusebenza emahhovisi omsakazo womphakathi kwa-Hargreaves Avenue e-Eastern Cape ngasekuqaleni kwango-1980, uMateza waqala ukuba ngumfundi wezindaba zesiXhosa kumabonakude.
Kodwa washeshe wathandeka kubabukeli ngesikhathi esebenza ngokuzikhandla ehlaziya ezemidlalo ngesiXhosa nangesiBhunu.
Ukukhuluma izilimi eziningi kwamenza wakhethwa i-SABC ukuthi amemezele imidlalo yeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo ngo-1995.
Umethuli wezemidlalo emsakazweni Umhlobo Wenene, uPutco Mafani, uthe intsha ifunde lukhulu othandweni lwakhe.
“Isiqubulo esifana nesithi ‘yahlala enethini!’ uma kushaywa igoli kanye nesithi ‘Unkabi ndiyamazi uTatakhe une-mortuary’ okusho ukuthi ubaba walo mdlali unendawo yamakhaza, kuyizinto eziyohlala njalo ezingqondweni zethu,” kusho uMafani.
OwayenguNgqongqoshe wezeMidlalo, uNgconde Balfour, ukhumbule indlela uMateza ashintsha ngayo isibhakela ngesikhathi esebenza njengebamba lesikhulu esiphezulu se-South African National Boxing Control Commission (SANBCC) eyagcina ishintshwe yaba i-Boxing SA.
“Ngaletha uDumile esibhakeleni ngesikhathi ngiba nguNgqongqoshe wezeMidlalo ngo-1999. Kwadingeka ukuthi siguqule umthetho we-Boxing Act of 1954 sahlanganisa oNgqongqoshe bezifundazwe futhi sasebenza kanzima ukushintsha lo Mthetho. Ubengumuntu wabantu,” kusho uBalfour.
“Bekuba nezikhathi lapho ebesixabana khona ngenxa yothando lwethu lwesibhakela.
Abanye abafana noMark Williams, uThando Manana kanye nowayenguNgqongqoshe wezeMidlalo uFikile Mbalula nabo bahloniphe msakazi ongasekho.
Imininingwane yomngcwabo wakhe isazoqinisekiswa ngumndeni wakhe.
Umthombo wesithombe: @iReport