Isililo kusithela uKuli Roberts (1972-2022)

Kamogelo Olaitan

Ubegcwele impilo, enomoya omuhle nenhliziyo enomusa.

Konke lokhu okunye kwezinto ebezivela ngesikhathi kuhlonishwa intatheli kanye nomsakazi wezindaba uKuli Roberts ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwezindaba zokushona kwakhe ngoLwesithathu ebusuku.

Uzokhunjulwa kanjalo. Kodwa ngesikhathi ebhekene nombuzo ofanayo kwi-MacG’s Podcast and Chill nyakanye, impendulo yakhe yahluka kakhulu.

”Angifuni ukukhunjulwa. Ngifuna nisale nisizane nje,” esho.

URoberts wasebenzisa leli thuba ukugqamisa izindaba zobulungiswa bezenhlalo, abezibeke eduze kwenhliziyo yakhe impilo yakhe yonke.

“Ngidinga ukuthi ninakekele abantu abaphila nebala elimhlophe. Ngifuna ukuthi ninakekele abantu emiphakathini ye-LGBTI+. Ngidinga ukuthi nibheke abantu abamnyama. Ngidinga ukuthi niyeke ukuthuka abantu abamnyama,” kuqhuba yena.

UNomakula Mboya owazalwa eminyakeni engu-49 edlule e-Eastern Cape, owaziwa ngelikaKuli waqala umsebenzi wakhe wobuntatheli kwiphephabhu i-Pace ngeminyaka yo-1990 njengombhali wezokungcebeleka nemfashini.

Ngemuva kwalokho lo msakazi wajoyina iphephandaba langeSonto i-Sunday World futhi wayebhala ingosi edume kakhulu i-Bitch’s Brew ngaphambi kokusebenza e-Kaya FM ephethe uhlelo lwasekuseni noBob Mabena ongasekho.

Ngo-2020, wabuyela kwi-Sunday World lapho esebenze khona waze waxoshwa nyakenye  ngokujoyina iqembu lezepolitiki likaMzwanele Manyi i-African Transformation Movement (ATM) njengekhansela.

Waziwa kakhulu ngokwethula izinhlelo zikamabonakude ezifana ne-What Not To Wear, i-The Real Goboza kanye ne-TrendingSA.

Ngokomsebenzi, ubengeneliseki emsebenzini owodwa futhi ubelokhu emangaza abaseduze naye ngezinto ezintsha.

Ngo-2019 uKuli washicilele inoveli ekhuluma ngamahlazo e-tabloid enesihloko esithi-Siren. Uphinde walingisa indawo kaMildred emdlalweni wakumabonakude ku-Mzansi Magic i-The Queen ebambisane noConnie Ferguson. Muva nje, uvele kwifilimu yendawo ye-Netflix i-Angelina.

NgoLwesine umndeni wakhe ukhiphe isitatimende esifundeka kanje: “Ngokukhulu ukudabuka siqinisekisa ukudlula emhlabeni kukaNokamula “Kuli” Roberts.

Kubikwa ukuthi uye waquleka ngesikhathi esohlelweni lwakhe olusha wabe eseshona ngemuva kwemizuzu embalwa.

URoberts, obengudadewabo womlingisi uHlubi Mboya-Arnold, ushiye emhlabeni izingane ezimbili u-India noLeaun nomzukulu oyedwa u-Isabelle.

Izihloko zakamuva