Isililo kushona umsubathi odumile waseKenya

Umsubathi wase-Kenya, uKelvin Kiptum obephethe irekhodi lomhlaba labesilisa, ushone engozini yemoto ngeSonto.

Le ngozi eyenzeke eNtshonalanga neKenya, iphinde yadlula bempilo yomqeqeshi wakhe uGervais Hakizimana wase-Rwanda.

UKiptum, owavela njenge mbangi ku-Eliud Kipchoge naye wase-Kenya uqophe irekhodi lomhlaba ngoMfumfu owedlule kwimarathon e-Chicago, ngokuqeda umjaho emahoreni amabili.

Bobabili laba basubathi bebeyingxenye yeqembu lase-Kenya le-preliminary marathon kuma-Olympics azoba se-Paris.

Alokhu engenile amazwi enduduzo ngemuva kokudlula kukaKiptum, kanti uNgqongqoshe wezeMidlalo wase-Kenya u-Ababu Namwamba ekhuluma ngosizi lwakhe ku-X uthe: “Lokhu kubuhlungu kakhulu i-Kenya ilahlekelwe obeyigugu kuyo, “

URaila Odinga ongumholi weqembu eliphikisayo e-Kenya, ubize uKiptum ngeqhawe langempela kanye nomuntu ubemangalisa njengo msubathi.

UMengameli we-World Athletics uSebastian Coe naye uhloniphe uKiptum, wathi: “ubengumsubathi omangalisayo. “

Ingozi yenzeke ngezithuba zabo-11:00 ebusuku, imibiko yamaphoyisa iveza ukuthi uKiptum uyena obeshayela ngesikhathi kugingqika imoto, nokuholele ekutheni bashone benoHakizimana.

Umgibeli wesifazane ulimele waphuthunyiswa esibhedlela.

Ukukhuphuka kukaKiptum emhlabeni wemarathon bekumangalisa kakhulu, njengoba egijime umjaho wakhe wokuqala webanga elide ngo-2022.

Wayaziwa ngokuqala umsebenzi wakhe wokusubatha emgwaqeni ehlukile kumzila wangakubo ngaphambi kokuthuthela emabangeni amade.

Ngonyaka odlule uchazele i-BBC ukuthi izingqinamba zezimali zamholela kule ndlela, wathi: “Ngangingenayo imali yokuhamba lemijaho.”

Obengumqeqeshi wakhe uHakizimana (36) waqeqesha uKiptum kusukela ngo-2014, ekhumbula ukuhlangana kwabo kokuqala ngesikhathi uKiptum esengumfana omncane.

“Ngamazi esemncane, elusa engazigqoki izicathulo,” kukhumbula uHakizimana.

UKiptum ubeshade no-Asenath Rotich futhi bebe nezingane ezimbili ndawonye.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: UKelvin Kiptum.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva