Isililo kushona umpetha wakuleli wamabhayisikili 

Lubhalwe nguThathe Msimango

Umakadebona wakuleli wamabhayisikili uJohn Ntuli udlule emhlabeni ngoLwesibili esemzini wakhe eMpangeni enyakatho yeKwaZulu-Natal. Ubeneminyaka engu-39 ubudala.

Umndeni wakhe uveze ukuthi uhlaselwe isifo senhliziyo.

UNtuli waduma ngemuva kokuwina emjahweni wokuqala wamabhayisikili owawusentabeni yase-Munga webanga lika-1070 ngo-2015 usuka e-Bloemfontein uya e-Wellington e-Western Cape.

Umjaho wawungowokunqamulela ngaphandle kokuthatha ikhefu futhi bonke abaqhudelanayo kwakumele baphathe zonke izinto ezidingekayo ukuze baqede umjaho.

UNtuli waqala umsebenzi wakhe wezemidlalo e-Duathlon lapho aba khona umuntu wokuqala omnyama ukumela izwe kwi-World Duathlon Championship ngo-2007 e-Gyor, e-Hungary.

Wangenela umqhudelwano we-Duathlon World Championship wango-2011 lapho asiza khona iqembu lakuleli ukuphuma endaweni yesishiyagalombili emqhudelwaneni.

UMartin Dreyer ongomunye wabantu abasondelene noNtuli owake wawina i-Dusi Canoe Marathon amahlandla ayisikhombisa waqala isikole sakhe se-“Life for Change” ngomgibeli oyedwa wamabhayisikili kanti lowo kwakunguNtuli.

UDreyer uchaza ukudlula emhlabeni kukaNtuli abemthatha njengomngani wakhe omkhulu njengezindaba ezibuhlungu.

“Kuyadabukisa ukuzwa ukuthi uNtuli akasekho. Sike sahlanganyela izikhathi ezimnandi ndawonye ngase ngimthatha njengomngani wami omkhulu iminyaka eminingi,” kusho uDreyer.

“Ubeyindoda yomndeni elungile futhi eyindoda eqotho. Ngaphandle kwalokho ubenobuntu futhi ewuphatha ngenhlonipho enkulu umsebenzi wakhe.”

UDreyer uthe uphatheke kabi ngokudlula emhlabeni kukaNtuli.

“Yize ebengumuntu ongathandi ukukhuluma ubeneso elihle ekuthatheni izinqumo ezinqala. Ubengumeluleki wami iminyaka eminingi.”

UDreyer uthe kuzothatha isikhathi ukubona enye indoda eqinile njengoNtuli empilweni yakhe.

“Wakhiwe waqina. Ekhempini yethu besimbiza ngo ‘Ngwenya’. Ubenesimo sengqondo sokuphokophelela entweni nokuyinto engicabanga ukuthi yiyona emenze wazuza lukhulu emsebenzini wakhe. Ukudlula kwakhe emhlabeni kushiya elikhulu igebe ngoba ubenolwazi oluningi ngalo mdlalo,” engeza.

UNtuli ushiye emhlabeni umkakhe uNomthandazo, amadodakazi akhe amabili u-Andile noNkosenhle kanye nendodana yakhe uLwandile.

Esithombeni esingenhla: UJohn Ntuli

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva