Isililo kushona umhlaziyi uMcKaiser

Akasekho emhlabeni u-Eusebius McKaiser obengumhlaziyi, umsakazi, nombhali ohlonishwa kakhulu. Ukudlula kwakhe emhlabeni kuhlobene nesifo sokuwa.

Ukushona kukaMcKaiser kungazelelwe kwenzeke ngesikhathi enza umsebenzi wakhe wansuku zonke, engakhombisi zimpawu zokugula, ngokusho kwesitatimende somphathi wakhe uJackie Strydom ku-TimesLIVE ngoLwesibili.

UStrydom uzwakalise ukushaqeka okukhulu ngokulahlekelwa kungazelelwe waveza izindaba ezibuhlungu zokuthi umlingani kaMcKaiser, uNduduzo Nyanda kumanje usemakhazeni nomndeni.

UMcKaiser wazalelwa e-Grahamstown. Uhambo lwakhe lwezemfundo lwaqala eNyuvesi yase-Rhodes ngo-1997, enza i-BA kwi-Law and philosophy. Uqhubekile waphothula iziqu zakhe ze-Honours kanye ne-Masters kwi-Philosophy waphasa ngo-distinction, ngaphambi kokuthola i-Rhodes Scholarship eNyuvesi ehlonishwayo yase-Oxford.

Isizindalwazi sase-Rhodes University sigqamisa indima kaMcKaiser obeneminyaka engu-44 ubudala njengesishoshovu sezombusazwe kanye nomhlaziyi wezepolitiki okuhlobene ne-Wits Centre for Ethics.

Echazwa njengomuntu onentshisekelo yokubhekana nezindaba zomphakathi nezepolitiki ezithinta izimpilo zabantu, ukuba isishoshovu kumsebenzele empilweni yakhe. Ube negalelo elikhulu emithonjeni yezindaba yasekhaya neyamazwe ngamazwe, okuhlanganisa i-New York Times, i-Business Day, i-Mail & Guardian, i-Sunday Times, i-Sunday Independent, i-City Press, i-Newsweek International, i-BBC Focus on Africa, i-The New Republic, i-Financial Mail kanye ne-Destiny Man.

Ukwengeza, uphathe uhlelo lwe-Talk at Nine Show, uhlelo lwezingxoxo zepolitiki nokuziphatha kwamasonto onke ku-Talk Radio 702 futhi ubethula uhlelo lwe-Interface ku-SABC3.

Phambilini, uMcKaiser ubesebenza njengozakwabo enkampanini yokubonisana nabaphathi bamazwe ngamazwe i-McKinsey and Company.

Izindawo ayegxile kuzo ukuguquguquka kwesimo sezulu kuya ezifundweni zokuhlela nokusebenza kahle ezinkampanini zikahulumeni. Ube neqhaza ekulolongeni umbono mayelana nezibikezelo ezifunwa umhlaba wonke zezimpahla ezithile futhi ubehlale ehlinzeka ngobungozi bepolitiki yakuleli kumakhasimende ezinkampani, okuhlanganisa nezindlu zokutshalwa kwezimali.

INyuvesi yase-Rhodes igcizelele indlela abezimisela ngayo eqhutshwa umphakathi, yagqamisa nohambo lwakhe  ekunqobeni ukucwasa ngokwebala nokucwasa kwabantu abathandana nobulili obufanayo futhi usebenze njengesibonelo esikhuthazayo kwabanye.

Luhlanganiswe umbhali we-Staff

Isithombe esingenhla: U-Eusebius McKaiser

Umthombo wesithombe: I-Twitter

Izihloko zakamuva