Isililo kushona owe-TKZee

Sibonelo Zwane

Usedlulile emhlabeni obengumculi we-TKZee aphinde abe ngumdidiyeli wezingoma uTokollo “Magesh,” Tshabalala kanti kubikwa ukuthi ushone ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kokuba nesifo sokuwa ngokusho komndeni wakhe.

Izindaba zokushona kwakhe zichazwe i-Orlando Pirates esitatimendeni ngoMsombuluko ekuseni njengoba uyise kaTokollo uStanley Tshabalala engusomaqhinga kuleli qembu.

“Iqembu lebhola le-Orlando Pirates lizwa ubuhlungu ngezindaba zokudlula emhlabeni kwendodana kaMnu Stanley Tshabalala uTokollo,” sifundeka kanjalo isitatimende.

“Egameni lomndeni we-Orlando Pirates sidlulisa amazwi enduduzo nokuzwelana nomndeni wakwaTshabalala.”

UMagesh okuyigama abedume ngalo ubeyingxenye yeqembu le-Kwaito elasungulwa esikoleni samabanga aphezulu futhi lihlanganisa uZwai Bala noKabelo Mabalane.

Ubuhlakani bakhe bukhiphe izingoma eziningi kubalwa  “Mambotjie” nethi “Dlala Mapantsula.”

Umndeni wakhe uthe esitatimendeni “yonke imininingwane ephathelene nesikhumbuzo sakhe kanye nenkonzo yomngcwabo izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.”

Umthombo wesithombe: @Channel

Izihloko zakamuva