Isililo kushona izingane ezintathu

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kushone izingane ezintathu ngesikhathi kusha imijondolo elokishini lase-Khayelitsha eKapa ezintatha ngoLwesithathu.

Ingane yesine ilwela impilo yayo esibhedlela ngemuva kokusha kakhulu.

Umzala uQhamisa Mbema (8), u-Inako Mbema (8) kanye no-Akhanyile Magama (4) bebelele nezinye izingane eziyisishiyagalolunye emjondolo ngesikhathi kuqubuka umlilo.

Omunye womama oshonelwe indodana yakhe emlilweni uSesethu Magambu, uthe izingane bezilele nogogo wazo okwazile ukubalekela ilangabi nezinye izingane eziyisishiyagalolunye.

UMagambu uthe akekho owaziyo ukuthi yini eqale umlilo. Unina uvuswe intuthu kanye nokukhala komakhelwane bebona amalangabi avuthayo.

“Bonke abantu bebelele futhi akekho obepheka. Ukushona kwabo kusishiye sinemibuzo eminingi kunezimpendulo futhi siyethemba ukuthi uphenyo luzositshela ukuthi yini imbangela yomlilo njengoba ubungekho ugesi ngaleso sikhathi,” etshela i-Scrolla.Afrika.

UNoluvo Sithonga ongumakhelwane utshele leli phephandaba ukuthi benze konke okusemandleni abo ukuhlenga izingane.

“Bebekhala becela ukuthi sibahlenge. Sizamile, kodwa umlilo ubunamandla kakhulu. Senze konke okusemandleni ethu, kodwa okubuhlungu ukuthi asikwazanga ukubasindisa.”

Esinye isakhamuzi sithe ukumemeza kwezingane emadlebeni akhe kuzomhlupha unomphela.

“Namanje ngibezwa bekhala becela usizo futhi ngiyafisa ukube sizame kakhudlwana ukubasindisa, kodwa umlilo ubungalawuleki.”

Okhulumela abezicishamlilo eKapa, uJermaine Carelse uthe izicishamlilo zifice izidumbu zabafana ababili nentombazane ebezishe kakhulu ngehora lokuqala ezintatha. 

“Umlilo okungaziwa imbangela yawo ucishwe ngezithuba zabo-01:20,” kusho uCarelse.

Okhulumela amaphoyisa akwa-SAPS uSayitsheni Wesley Twigg, uthe amaphoyisa aseLingelethu West asevule uphenyo.

Esithombeni esingenhla kuvela u-Inako Mbema, uQhamisa Mbema no-Akhanyile Magama.

Umthombo wesithombe: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva