Isililo kushona inkakha yebhola yakuleli

Lubhalwe nguThathe Msimango

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana uJohn Moeti udlule emhlabeni eneminyaka engu-55 ngemuva kokugula izinyanga eziyisishiyagalombili.

Kubikwa ukuthi ubethola usizo lwezempilo olukhethekile.

UMoeti wayenomsebenzi oncomekayo futhi wawina i-CAF Champions League ngo-1995 nePirates kanti wayeyingxenye yeqembu le Bafana Bafana elanqoba i-African Cup of Nations ngo-1996. Umndeni ukuqinisekisile ukuthi uMoeti (55) ushonele ekhaya ezintatha zangoMsombuluko.

“Kusizwisa ubuhlungu okukhulu ukuthi sinazise ngokudlula emhlabeni kukaJohn ‘Dungi’ Moeti,” sifundeka kanjalo isitatimende.

“Ushone ezungezwe umndeni wakhe nabazalwane bekhuleka. Sibonga kakhulu ngemikhuleko yenu nokuseseka kakhulu.”

Umndeni ucele ukunikezwa isikhathi sokubhekana nobunzima bokulahlekelwa wathembisa ukuthi imininingwane yomngcwabo  izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

UGavin Lane omunye wabadlali abake badlala noMoeti kuPirates, uthe kuyethusa ukuzwa ukuthi uMoeti akasekho.

“Bengingakaze ngizwe lezi zindaba phambilini. Sekunesikhathi eside sagcina ukuxhumana kubuhlungu ngempela ukudlula kwakhe.”

“Ubengumdlali ovelele, ozimiselayo futhi engumholi omuhle enkundleni nangaphandle kwenkundla. UbenguKaputeni wami iminyaka.”

Uthe uMoeti ubengumuntu oqavile ngaphandle kwenkundla.

“Ubenenhliziyo enhle. Sibe nezikhathi eziningi ezimnandi sidlala ndawonye kuPirates. Kunzima ukukholwa ukuthi ngeke ngisambona. Sengathi umphefumulo wakhe ungalala ngokuthula.”

Isithombe esingenhla: UJohn Moeti

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva