Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kushaqeke iNdlunkulu kaZulu ngokusocongwa komdidiyeli wamabutho obedumile uMnuz Zakhele Senziwanjani Xulu.
UXulu kuthiwa ubulawe ngoLwesine ebusuku elinde ukuba kuvulelwe izimoto ezisohlangothini lwakhe emgwaqeni owakhiwayo okungu-R34 ngasejele iQalalabusha.
Kuthiwa kuqhamuke izinsizwa ezihlomile zaqonda emotweni yakhe zavulela ngenhlamvu zambulala washonela khona lapho.
Okhulumela iNdlunkulu kaZulu neSilo, uMntwana uThulani waseZibindini uthe bashaqekile futhi badidekile ngokubulawa kukaXulu.
“Angeke sithi bekuyintando kaNkulunkulu lena ekubeni kucaca ukuthi imigulukudu eyenzelokhu edinga ukuboshwa. Sibuhlungu ngoXulu ngoba ubeyisishabasheki seNgonyama futhi ewahlonipha amakhosi. Uyabona bekuthi Uma kunemikhosi lapha eNdlunkulu, ubekhuthala aqinisekise ukuthi konke kuhamba kahle emabhodweni ukuze amabutho engezukubulawa indlala.
Ubebumele ubukhosi namabutho kaZulu. Sibuhlungu lokhu kwangempela siyiNdlunkulu neSilo,” kuchaza uMntwana uThulani.
Uqhube wathi bazohlangana nabadidiyeli bamabutho kusasa ngoMgqibelo besebeyovela emndenini ukuyobhonga emswaneni.
UXulu ubaziwa ngokuba nolaka uma esebona izinto zingahambi.
Kwesinye isigameko waqinda ngqo kuNgizwe Mchunu washo ukumqeda ngenduku emsola ngokudelela amakhosi.
Waze wamxosha kulowo mcimbi nokwenza uNgizwe wamqamba igama elithi uKhweqiphalishi.
Kunomunye umbuthano owawuseMbumbulu kuthiwa wathuthana kabi noPhakelumthakathi Ndabandaba odidiyela amabutho asoSuthu kwashuba umoya.
