Isikweletu sikagesi sikaCassper sifinyelela ku-R18k ngenyanga

Lubhalwe nguRorisang Modiba


Umrepha waseNingizimu Afrika uCassper Nyovest ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukhokha imali elinganiselwa ku-R18 000 ngenyanga ngogesi.

NgoLwesithathu ubuze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi intengo kagesi inyukile yini.

“Bafowethu ngabe intengo kagesi inyukile? Ngesonto eledlule ngithenge ugesi ka-R3,000, wawungu-900 units. Namuhla, u-R3,000 unginike u-750 units kuphela,” ebhala ku-X.

UCassper uqhube wathi ubesebenzisa u-R18 000 ngenyanga ngaphambi kokuthi ashintshele kugesi wekhadi.

Selokhu eshintshele kugesi wekhadi, uCassper usefake ne-solar endlini yakhe kodwa ugcina ekhokha u-R12 000 kwa-Eskom nyanga zonke.

“Kuyesabeka lokhu. Kuzokwenzekani eminyakeni eyisihlanu?” ebuza.

Ezinkundleni zokuxhumana abantu babhale ukuthi nabo bahlukumezeke ngendlela efanayo nomrepha.

UDJ waseNingizimu Afrika, uCoach, uthe abantu bayaxhashazwa.

“Ngathenga ugesi ka-R6 000 ezinsukwini eziyisithupha ezedlule, ngathola u-690 units ekuqaleni, ngathola u-679 units okwesibili, nokho ngawuthenga kungakapheli imizuzu emihlanu ngithenge omunye. Sikhuluma nje ngisele namayunithi angaphansi kuka-120 okusho ukuthi kufanele ngiphinde ngiwuthenge namuhla,” usho kanje.

Omunye uthe: “Angikwazi nokusebenzisa i-heater efulethini lami. Ngiyabonga ukuthi kuba nelanga ohlangothini lwebhilidi engihlala kulo.”

Osesithombeni esingenhla: UCassper Nyovest.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva