Isikulungele ukuphuma esibhedlela intombazanyana esinde idlwengulwa

Zukile Majova

Intombazanyana eneminyaka  engu-16 ubudala yase-Mount Ayliff esinde ngemuva kokudlwengulwa nokugwazwa  izophuma esibhedlela sase-Nelson Mandela e-Mthatha ngoSuku lweNkululeko isizophila impilo yayo entsha.

Lo mfundi webanga lesishiyagalombili ugcine ekwamukele ukuthi uzohlala impilo yakhe yonke engaboni ngemuva kokuthi umsolwa eyukhiphe amehlo ukuze le ntombazanyana ingakwazi ukumkhomba ngecala alenze ngoLwesihlanu.

Le ntombazanyana ibijwayele ukuziveza ngokugqoka izingubo ezinemibala egqamile njalo uma iphuma endlini esigodini sase-Cabazana iyovakashela abangani bayo. 

Kodwa manje isizodinga usizo cishe ezintweni eziningi ngisho nomsebenzi wasendlini.

Izolahlekelwa ngabafundi efunda nabo kanye nabangani ebesondelene nabo esikoleni samabanga aphezulu ePhepheni njengoba kulindeleke ukuthi iziphathimandla zimbhalise esikoleni sabangaboni.

Umuzi wakubo osemakhaya e-Cabazana uzoshintshwa ukusiza lomfundi ukuze akhululeke njengoba esezozijwayeza ukuhamba ngenduku nesihlalo esinamasondo.

Okhulumela umndeni wesisulu ukuqinisekisile ukuthi alikho iso lesisulu elikwazile ukubuyiselwa esimeni njengoba odokotela bezame konke okusemandleni.

Uthe lesi sigameko senzeke ngesikhathi le ntokazi ibuya kovakashela abangani bayo ngempelasonto yePhasika.

“Kukhona owamhlula ngamandla wamhudulela ehlathini eliseduze wamdlwengula ephindelela.

Wamgwaza amahlandla ambalwa ngommese wamshiya ecabanga ukuthi ushonile. Ngomusa kaNkulunkulu wakwazi ukukhasa waphuma ehlathini ebheke emgwaqeni lapho afica owayezidlulela ngendlela wamsiza wamuphuthumisa ekhaya,” kusho okhulumela umndeni.

Umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala osolwa ngokudlwengula uvele eNkantolo yeMantshi yase-Mt Ayliff ngoMsombuluko, kodwa icala lihlehliselwe mhla zinhlanu kuNhlaba. 

Inqwaba yamalungu omphakathi idele imvula namakhaza ngaphandle kweNkantolo ukuze azwakalise ukunengeka kwawo ngaleli cala nokuphikisa ukuthi abasolwa banikwe ibheyili.

Isishoshovu samalungelo ezingane uMnu Petros Majola we-Khula Community Development Project uthe amasonto, abaholi bomdabu kanye nezikhulu zikahulumeni kulindeleke ukuthi zihole uhide lwezimoto ezizothatha le ntombazanyana esibhedlela isiphindela ekhaya esigodini sase-Cabazana e-Maxesibeni okuyindawo eqhele ngamakhilomitha angu-200.

Scrolla World Cup Quiz