Isikole sikaKgabo somakhenikha – samukela nabafundi besifazane

Tebogo Moobi

E-workshop yakhe yezimoto elokishini, uKgabo Boshomane ufundisa abantu abasha amakhono okulungisa izimoto njengoba ebasiza ngokubaphushela emaphusheni abo.

Bangaphezu kwama-80 abantu abasha abasizakele kwi-workshop yakhe, iKgabo Cars, e-Soshanguve, e-Tshwane.

Ngesikhathi uKgabo eqala indawo yakhe yokusebenzela ngowe-2010 wayesanomsebenzi wosuku, kodwa wayefuna ukunika intsha amandla wamema nezinsizwa ukuthi zizomsiza.

“Ngaphambi kokuba ngibe umakhenikha, ngangifundela ubuthishela kodwa angikaze ngiphothule. Uthando lwami belulokhu lunezimoto,” kusho uKgabo.

“Ngazithembisa ukuthi ngizoba umakhenikha. Kodwa nginqume nokuthi angeke ngilethe umsebenzi ongacacile.”

Ngowe-2012, ngesikhathi esasebenza amatoho wanquma ukuvula isikhungo sezobuciko e-workshop yakhe futhi kwaba yimpumelelo.

Kuze kube manje usekhiqize izingcweti ezingama-82 kanti ezingama-20 kuzo ngabesifazane. Cishe bonke njengamanje baqashwe ezinkampanini ezahlukahlukene ezweni lonke.

Njengamanje usebenzela iphrojekthi yokuvula izikole zokuqeqesha abesifazane abayisishiyagalombili ukuze nabo benze into ayenzayo.

UKgabo uthe, ubesebenza ne-Sita nezinye izinkampani ezizimele ezeseke izifundo zakhe kodwa akanalo uxhaso.

Uthe, bekulokhu kusebenzeka kanzima ngaphandle kosizo lukahulumeni ngoba kulindeleke ukuthi athobele futhi abe nabeluleki abafanelekayo kubafundi bakhe.

“Ngifisa sengathi ngingathola uxhaso lwanomphela ukuze ngikwazi ukusiza intsha eningi.”

Okwamanje unabafundi abangama-40.

UKgabo usethole izindondo ezehlukene okubalwa kuzo indondo ye-Automechanica Absa South Africa, eye-Tshwane Mayoral Award, eye-Township Enterprise, kanye neminye.

Izihloko zakamuva