Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
ILefa-Ifa Secondary inyuke isuka ku-53.4% yaya ku-91.1% eminyakeni emithathu ngaphansi kobuholi bukaThishomkhulu omusha.
Isikole sisiza abafundi abampofu ukuthi baphumelele ngokubamba amakamu okufunda zinyanga zonke kanye nokweseka amakhaya aphethwe izingane.
Isikole esake saduma kabi kakhulu e-Gauteng saze saqhathaniswa nomdlalo kamabonakude, iYizo Yizo, sithuse abantu ngokuba yisikole esenze kahle Kwa-Thema, e-Springs.
Isikole iLefa-Ifa Secondary School sithole u-91.1%.
Lesi sibalo senyuke kakhulu sisuka ku-53.4% eminyakeni emithathu nje edlule ngesikhathi lesi sikole siphakathi kwezikole ezenza kabi kakhulu e-Gauteng.
Ushintsho luqale ngesikhathi uDkt Disekeletso Saboshego ethatha izintambo njengoThishomkhulu nakuba eke wabhekana nengwadla yothisha.
“Ngesikhathi ngifika kulesi sikole angemukelwanga othisha bahlukana phakathi njengoba kukhona ababebathanda ukuthi bakhethwe, ngathatha isinqumo sokungadikibali ngoba ngangikholelwa ukuthi ngangidalelwe ukushintsha izinto,” usho kanje.
Lesi sikole esithatha abafundi abaningi abaqhamuka emijondolo ngase-Springs, siba nezinkambu zokufunda njalo ngenyanga ukusiza abafundi abadonsa kanzima.
“Iningi labafundi bethu baphuma emijondolo lapho kunezinselelo zendawo yokufunda, ububha, imizi ephethwe izingane nogesi ongekho. Abafundi abaningi ebusuku basebenzisa ithoshi likamakhalekhukhwini,” kusho uSaboshego.
Ukuzinikela kwalesi sikole kudlula ukufundisa nje kuphela. “Omunye wabafundi bethu ohlala ekhaya eliphethwe izingane kudingeke ukuthi alethe izingane zakubo ezimbili ebusuku ekhempini sathi sizozinakekela,” usho kanje.
Kubafundi abangu-170 ababhale umatikuletsheni, bangu-97 abathole u-bachelor’s degrees, abangu-49 bathole i-diplomas, abangu-10 bathole i-higher certificate kanti bangu-15 kuphela abangaphumelelanga.
“Yize kusekhona ukuba nezinhlangothi ezimbili ezalanayo kothisha kodwa ngikhethe ukuzibophezela futhi eminyakeni edlule sindawonye salwela ukuthi sibe yisikole esihamba phambili Kwa-Thema esikhiqiza imiphumela esezingeni,” kusho uSaboshego.
Osesithombeni esingenhla: UDkt Disekeletso Saboshego.
Umthombo: Doreen Mokgolo
