Isikole saselokishini eKapa senyuke safinyelela ku-99%.

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Isikole samabanga aphezulu i-Joe Slovo Engineering High eKhayelitsha sithole imiphumela emihle kakhulu kamatikuletsheni ngezinga lokuphasa elingu-99.3%.

Umfundi ophume phambili kulesi sikole uthole o-distinctions abahlanu njengoba izinga lokuphasa lenyuka lisuka ku-56% laya ku-96%.

UNgqongqoshe wezeMfundo eWestern Cape uDavid Maynier uvakashele isikole samabanga aphezulu i-Joe Slovo Engineering High eKhayelitsha, eKapa, ​​ukuyobungaza imiphumela yabo kamatikuletsheni emangalisayo.

Izinga lokuphasa kulesi sikole lenyuke lisuka ku-87.2% ngo-2023 laya ku-99.3% ngo-2024.

Bangaphezu kwesigamu abafundi bakamatikuletsheni okungu-56.2% abathole ama-Bachelor’s, besuka ku-25.1% ngonyaka odlule. Labafundi abathole o-distinction abangu-41, okubalwa abayisithupha kwizibalo nabathathu kwezesayensi. Abafundi ababili bathole ngaphezu kuka-90% ezibalweni.

“Ngesikhathi ngithola imiphumela bengazi ukuthi kufanele ngize kubafundi bakumatikuletsheni e-Joe Slovo. Bakhombise ukuthi lapho uhlala khona akunqumi ukuthi ungahamba ibanga elingakanani,” kusho uMaynier etshela abafundi.

Izinga lokuphasa kwezibalo kulesi sikole linyuke lisuka ku-56.5% laya ku-96%, kanti isayensi isuke ku-56.2% yafinyelela ku-85.2%.

UThishomkhulu uSityhilelo Ntamo ujabule ngokuthi isikole sakhe siphume phezulu eKhayelitsha. “Sisebenze kanzima iminyaka ukuze siphume esicongweni. Ngijabule ngokuthi silokhu siba ngcono,” esho.

“Bengibukela umabonakude nomndeni wami ngesikhathi ngithola imiphumela. Ngangazi ukuthi sizokwenza kahle ngoba sisebenze kanzima ngamakilasi angoMgqibelo nantambama,” kwengeza uNtamo.

Ophumelele kakhulu u-Andrew Mgwazeni, othole o- distinction abahlanu, uthe: “Ngijabule kakhulu. Ukuba ngunombolo 1 eKhayelitsha kukhombisa ukuthi ngibe nomthelela. Ukusebenza kanzima, ukubhala phansi nokulalela othisha kungisizile.”

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo e-Western Cape uDavid Maynier ugubhe ukukhishwa kwemiphumela kamatikuletsheni e-Joe Slovo Engineering High School elokishini laseKhayelitsha, eKapa.

Umthombo: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva