Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Isikole samabanga aphezulu iKwaMfundo, eKapa, sicela abafundi abenza umatikuletsheni ukuthi bakhokhe u-R2,000 wezifundo ezengeziwe ngezimpelasonto, nakuba kuyisikole esingakhokhisi.
UMnyango wezeMfundo uthi le mali ngeyokuzithandela futhi akekho umfundi ozovinjwa uma engakhokhi.
Bahlalele ovalweni abazali babafundi baKwaMfundo High School, eKhayelitsha, ngemuva kokuba isikole sibatshele ukuthi bakhokhe u-R2 000 wokwengeza amakilasi angempelasonto.
Lesi sikole sithi abafundi abenza umatikuletsheni bazolala kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto njengohlelo lokubasiza ukuthi baphumelele.
Kodwa abazali abaningi bathi abakwazi ukukukhokhela lokho futhi besaba ukuthi izingane zabo zizokhishwa uma zingakhokhi.
Omunye umama uthi wathuka woma ngesikhathi ingane yakhe imtshela ukuthi kumele akhokhe u-R1 000 ekupheleni kwenyanga, omunye u-R1 000 ngenyanga elandelayo.
“Ngenza imisebenzi emincane njengokuwasha izingubo noma ngigade ingane. Ngisanda kwazi ukuthenga umfaniswano wesikole. Manje kufanele ngithole u-R2,000 noma ingane yami izophuthelwa amakilasi engeziwe.”
Omunye umzali uthe, “Siyisa izingane zethu ezikoleni okungakhokhwa kuzo ngoba sidonsa kanzima. Sifuna zifunde zingajeziswa ngoba asinamali.”
Abazali banxusa uMnyango wezeMfundo ukuthi ungenelele futhi wenze imithetho icace.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape, uMillicent Merton, uthe le mali iwumnikelo wokuzithandela ukusiza ngohlelo lokuthuthukisa imfundo yesikole.
Uthe kuzoba nomhlangano nabazali futhi akekho umfundi ozonqatshelwa ukungena emakilasini.
“Izikole ezingakhokhisi zingacela abazali ukuthi bafake isandla ezintweni ezifana nezokubhala noma izifundo ezengeziwe, kodwa kumele kube ngokuzithandela,” kusho uMerton.
“Uma kukhona okukhathaza, abazali kufanele bakhulume noThishomkhulu noma isigungu esilawula isikole noma babike ehhovisi lesifunda uma kudingeka.”
Esithombeni esingenhla: Abafundi baseKwaMfundo High School eKhayelitsha.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe
