Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Isikole sase-Nelson Mandela Bay sithathe igxathu lokubandakanya wonke umuntu ngokuvumela amantombazane ukuthi agcobe izimonyo kanye nabafana ukuba baluke izinwele zabo kodwa ngendlela ehlanzekile.
Isikole samabanga aphezulu i-Westering sibe isikole sokuqala esifundeni ukuxegisa imigomo yaso yokugqoka.
Uthishomkhulu uStuart Hayward uthe lo mgomo uqale ukusebenza cishe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule.
“Sibone kunesidingo ngoba inhloso yethu ukwazisa abafundi ukuthi siyakwamukela lokhu,” esho.
Ngokomthetho wokuziphatha wesikole, abafana bavumelekile ukuluka izinwele kodwa kuphela uma ziboshiwe noma zine migqa eqondile,” esho.
Umgomo wesikole uphinde uvumele amantombazane ukuthi agcobe izimonyo ezicashile, ezihlanganisa i-mascara, i-eyeliner kanye ne-lipstick ngezinsuku ze-civvies.
UHayward uthe umkhandlu wakhe omele abafundi ahlangana nawo okungenani kanye ngesonto ulethe lezi ziphakamiso esikoleni.
“Phakathi nemihlangano enjalo, siveza imibono bese sixoxa ngezinto ezibalulekile ezithinta abafundi,” kusho uHayward.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni, uMalibongwe Mtima uthe ngokwamukela lo mgomo isikole sikhombisa indlela yokucabangela phambili mayelana nemikhuba yobulili namasiko.
“Sikushayela ihlombe ukuzinikela kwesikole ekufundiseni wonke umuntu, okufakazelwa isinqumo sakamuva sokuvumela abafundi besilisa ukuthi baluke emakhanda,” kusho uMtima.
Uthe lesi sinqumo asigcini nje ngokuqhakambisa ubuntu kodwa siphinde siphonsele inselelo inkoleloze.
Ngesonto eledlule, izimangalo zenqubomgomo yomfaniswano ephelelwe isikhathi engabandakanyi umphakathi we-LGBTQI zivele ngesikhathi senkulumompikiswano eshubile.
Abafundi abathandana nabobulili obufanayo besikole samabanga aphezulu iLungisa, e-Gqeberha bathe bakhishwa inyumbazane, bayahlukunyezwa futhi bayahlekwa ngokugqoka amabhulukwe.
Kulolu daba uMtima uthe uMnyango uhlela ukuqeqesha othisha ngendlela yokusingatha izindaba ezithinta ubulili.
“Njengomnyango asiboni abafana namantombazane kodwa sibona abafundi. Sifuna ukufaka lowo mqondo kothisha,” esho.
Kodwa-ke, i-Scrolla.Africa sikhulume nabazali abagxeka isenzo sesikole ngokuthi sonakalisa izingane zabo.
“Angihambisani nalokhu. Ingavunyelwa kanjani ingane ukuthi igcobe i-make-up esikoleni? Kumele sivumele izingane zibe izingane,” kusho umzali.
Omunye umzali uthe: “Izingane namuhla zinikezwa inkululeko eyengeziwe yokwenza izinqumo zabantu abadala. Lokhu akulungile.”
Esithombeni esingenhla: Umfundi wesilisa wesikole samabanga aphezulu i-Westering oqhine izinwele.
Umthombo wesithombe:Westering High Code of Conduct