Dylan Bettencourt
Okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kothisha ababili besikole samabanga aphansi i-Lekgalong e-Ga-Rankuwa, e-Tshwane.
UMnyango wezeMfundo eGoli uthe othisha ababili besifazane, abaneminyaka engu-26 nengu-27, badutshulwe ngehora lesithathu ntambama ngoMsombuluko.
Yize singakatholakali isizathu sokubulawa kwabo njengoba amaphoyisa ephenya ngalesi sigameko, uNgqongqoshe uPanyaza Lesufi uthe yena noMnyango wezeMfundo bakhungathekile.
“Siphatheke kabi ngalesi senzo sobugebengu esidlule nemiphefumulo yothisha bethu ababili abasebancane. Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini nakuwo wonke amalungu athintekile,” kusho uLesufi esitatimendeni.
Bekungakaqinisekiswa ukuthi kukhona abasolwa abasaboshiwe.
Ithimba lomnyango elibhekelela ukwesekwa kwengqondo nenhlalakahle njengamanje lisebenzisana nothisha esikoleni kanye nomphakathi wonkana othintekile ngalokhu kubulawa kothisha ababili.
Lesi akusona isigameko sokuqala sokubulawa kothisha eGoli kulo nyaka. NgoMasingana iphini likathishomkhulu lesikole samabanga aphezulu i-Phomolong e-Tembisa, uThembisa Ngendane, uye wadutshulwa wabulawa emgwaqeni ongenela esikoleni.
Yize lesi sigameko senzeke ezinyangeni ezimbili ezedlule namanje akukaboshwa muntu nakuleli cala.