Isikhushuliwe iminyaka yabasubathi abashibilika eqhweni

Dylan Bettencourt

Iminyaka emincane yokuncintisana emidlalweni yokushibilika eqhweni inyuswe yaba ngu-17 ngemuva kwehlazo likaKamila Valieva wase-Russia lokusebenzisa izidakamizwa kuma-Olympics asebusika.

Isinqumo se-International Skating Union (i-ISU) siza njengomzamo wokuvikela impilo ngokomzimba nangokwengqondo yabashibilika eqhweni abasebasha.

Ngesikhathi sama-Olympics asebusika e-Tokyo ngoNhlolanja kuvele ukuthi osemusha wahlolwa watholakala enokuthile egazini  ngoZibandlela odlule.

Uye wavunyelwa ukuqhubeka nemidlalo kodwa wanqatshelwa ukuthi aklonyeliswe ngezindondo.

UValieva (16), ubethuthumela futhi wakhubeka ngesikhathi encintisana okokugcina, okumenze waphuthelwa indondo.

Impendulo yabaqeqeshi bakhe iphakamise ukukhathazeka njengoba leli qembu lase-Russia lilokhu liqhubeka nokuphikisa ukuthi ahlolelwe izidakamizwa.

Ngemuva kwalesi sihlava, i-ISU ithe abasubathi abaneminyaka engaphansi kuka-17 abakwazi ukuqhudelana ngoba lokho kubeka engcupheni impilo yabo, hhayi ngokomzimba kuphela, kodwa nasekukhuleni kwengqondo nenhlalakahle yengane.

“Abasubathi abasebancane badinga ukubhekana nezinselelo eziningi kanye nencindezi endleleni yabo ebheke emidlalweni ephezulu,” kubhala ikhomishana yezokwelapha ye-ISU.

“Kungenzeka ukuthi ukuvumela abasubathi abancane ukuthi bangenele umqhudelwano kungabafaka emithwalweni nasezingcupheni okucatshangwa ukuthi azihambisani neminyaka yabo.”

Imikhawulo yeminyaka yabashwibi izokwethulwa ngezigaba njengoba umkhawulo uzonyuswa ube iminyaka engu-16 ngesizini ka-2023/24 bese iba iminyaka engu-17 kusukela ngesizini ka-2024/25 kuya phambili.

Icala likaValieva manje lisezandleni ze-Anti-Doping Agency yase-Russia okusamele inqume ngomphumela wentsha. Isinqumo sizokhishwa ngasekupheleni kukaNcwaba.

Umthombo wesithombe: @VanityFair

Izihloko zakamuva