Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Isikhungo saseKapa sisiza abesilisa abaneminyaka elinganiselwa kwengu-56 ukuthi baye esikoleni sokusoka ngemuva kokugeja amathuba bebancane.
Le nhlangano idinga umnikelo wokudla, izingubo zokugqoka nezingubo zokulala zabantu abangu-52 abazobuyela emakhaya kule nyanga.
Inhlangano yaseKapa esiza abesilisa abadala abaphuthelwa yithuba lokuyosoka bebancane becela usizo lokwamukela amadoda angu-52.
Phakathi kwabo kubalwa indoda eneminyaka engu-56 ubudala futhi esiphothulile uhambo lobudoda kule nyanga.
Lesi sikhungo sidinga ukunikelelwa ngezingubo zokulala, izingubo zokugqoka, izicathulo, igilosa kanye nenyama ukuze kube nomgubho wokubuya ekhaya ngomhlaka-15 kuZibandlela. La madoda aqale uhambo lwawo lokusoka ngomhlaka-8 kuLwezi.
Isikhungo iSomagwaza sizinze eGugulethu.
“Sithole imiyalezo emindenini icela usizo njengoba ibingenayo indlela yokuyisa abafana bayo esikoleni sokusoka, saluqala lolu hlelo ukuze silekelele lapho esingasiza khona ngoba siyakuqonda ukudinwa kwabesilisa abadala abangayanga esikoleni sokusoka. ,” kusho uSikelela Zokufa oqale lesi sikhungo.
“Abahlonishwa ngisho nayintsha eyaya entabeni ngaphambi kwabo, sifuna ukubuyisa isithunzi sabo, ngesikhathi siqala saba nabantu abangu-11, nyakenye sibe nabangu-41, kulo nyaka si nabantu abangu-52. abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-56,” usho kanje.
“Noma yini edingekayo uma ulungiselela ukubuya komuntu okade eyosoka sizoyithokozela kakhulu. Kuyasijabulisa ukuthi sinqume ukwenza lolu hlelo, futhi sisiza abantu abaningi abebengazi ukuthi kumele benzenjani ukuze baye esikoleni sokusoka,” kusho uZokufa.
Isakhamuzi uNolukholo Mboxela uyaweseka lo msebenzi. “Cabanga umuntu oneminyaka engu-56 ubudala ongakaze alithole ithuba lokuya lapho ngoba umndeni wakhe wawungenayo indlela yokwenza lokho. Ubizwe ngengabe ngoba engakayi. abaneminyaka engaphezu kuka-18 namanje abangakayi ekusokeni abahlonishwa, babizwa ngabafana,” kusho uMboxela.
Abantu abafuna ukunikela bangavakashela isikhungo Ikhaya Loxolo Old Age Home eGugulethu, maqondana ne-KFC enxanxatheleni yezitolo iGugulethu.
Esithombeni esingenhla: Amadoda abuya ekusokeni.
Umthombo: Ifayela
