Lungani Zungu
Kusolwa uqhekeko lwangaphakathi kwi-ANC e-KZN ngokubambezeleka kokugcwaliswa kwesikhala esashiywa sivulekile ngokushona kukaNgqongqoshe wezokuThutha uMnuz Bheki Ntuli cishe ezinyangeni ezimbili ezedlule.
UNtuli ushone ngemuva kokugula okwesikhashana.
Kunamagama amaningi abalwayo kubandakanya nelikaSuper Zuma, umlandeli othembekile walowo owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma e-KZN.
Njengamanje ungusotswebhu kwi-provincial legislature ngaphansi kwe-ANC.
UJomo Sibiya, ongusihlalo wekomidi elibhekele ezemfundo kwi-legislature, naye kuthiwa kungenzeka angene esikhundleni sikaNtuli.
USibiya wakhankasa kanzima ukuthi uCyril Ramaphosa akhethwe njengoMengameli we-ANC ngowezi-2017.
Igama likaNgqongqoshe wezeMfundo uMnu Kwazi Mshengu nalo liyaphonswa kule ngxubevange.
Usabambe okwesikhashana isikhundla sikaNtuli.
UNdunankulu uSihle Zikalala onamandla okuqasha nokuxosha ongqongqoshe naye uyangena kulolu daba.
Imithombo yangaphakathi kwi-ANC ithi lolu daba luvivinya ubumbano olungeluhle leqembu e-KZN.
“Amaqabane amaningi afuna ukuthi kufakwe abantu bawo osekudale ukungqubuzana okukhulu eqenjini,” kusho umthombo ongathandanga ukudalulwa.
Umthombo uthe uZikalala akazi ukuthi kumele enzeni.
Amaqembu aphikisayo aselusukumele lolu daba.
U-Blessed Gwala we-IFP uthe,” Lolu daba lukhubaza ukulethwa kwezidingo esifundazweni sethu. Uhulumeni akayena owe-ANC kodwa ungowabantu besifundazwe.”
Okhulumela i-ANC e-KZN uNhlakanipho Ntombela ukuphikile ukuthi ukubambezeleka kungenxa yokuxabana ngaphakathi. Uthe iqembu lizomemezela maduze ukuthi ngubani ozothatha isikhundla sikaNtuli.