Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amakhasimende asesikhumulweni sezindiza eMthatha ngoMgqibelo aphithane amakhanda ngemuva kokuthi abasebenzi bezicishamlilo bavale yonke into ngenxa yengxabano mayelana nesicelo sesikhathi esengeziwe.
Izindiza obekumele zihlale esikhumulweni sezindiza kudingeke ukuthi zidluliselwe esikhumulweni sezindiza iKing Phalo e-East London.
Okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape, u-Unathi Binqose uthe uMnyango wenze izinhlelo zokugwema okunye ukuphazamiseka ngeSonto.
“Isikhumulo sezindiza saseMthatha sisebenza ngokugcwele,” kusho okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni u-Unathi Binqose ngeSonto ekuseni.
“Lokho kwenzeke ngale kwesenzo esingekho emthethweni sabasebenzi bezicishamlilo.
“Senze izinhlelo, safaka izinsiza eziphuma kumasipala.
“Ngakho-ke, sonke siyasebenza ngesikhathi sibheka izinselelo zangaphakathi esibhekene nazo,” esho.
UBinqose wengeze ngokuthi indiza yehora lesibili ntambama ehlelelwe ngeSonto izofika futhi izosuka ngaphandle kokuphazamiseka.
“Kudingeka ukuthi senze amalungiselelo namuhla ukuze kugwemeke ukuphindeka kokuphazamiseka,” egcizelela.
Omele abezicishamlilo abebetelekile akatholakalanga ukuba aphawule ngesikhathi sokushicilela.
Esithombeni esingenhla: Isikhumulo sezindiza saseMthatha
Umthombo Wesithombe:X