
Dylan Bettencourt
Ingabe umqeqeshi weqembu labesifazane lase-Northern Ireland uKenny Shiels wayenenkinga ngesikhathi esola abadlali bakhe uma beqeda kuhlulwa kanzima ngokuthi athi “abesifazane bazwela kakhulu kunamadoda”?
UShiels ubekhuluma nabezindaba ngemuva kokuthi iqembu lakhe liguqiswe yiNgilandi ngo 5-0 ngesikhathi umqeqeshi ethi bangenelwe ngamagoli amaningi ngenxa yokuthi abantu besifazane bazwela kakhulu uma iqembu eliphikisayo lishaya igoli.
Ukushaywa kweqembu lakhe e-Windsor Park kwenze ukuthi ithemba leqembu lase-Northern Ireland lokuthola amathuba okuhlungela iNdebe Yomhlaba Yabesifazane ngonyaka ozayo lifike esiphethweni.
UShiels uthe kuyiphethini yomdlalo wabesifazane ukuthi uma bengenelwe igoli elilodwa, igoli elilandelayo liqhamuke esikhathini esifushane.
“Emdlalweni wabesifazane, uyabona uma ubhekisisa kahle indlela okwenzeka ngayo ukuthi uma iqembu lingenelwa yigoli, lingenelwa elesibili ngesikhathi esifushane kakhulu.
“Kuwo wonke umdlalo wabesifazane, ngoba amantombazane nabesifazane bazwela kakhulu kunabesilisa, abalithathi kahle igoli elingenile,” kusho umqeqeshi ngemuva komdlalo.
Umqeqeshi uxolisile ngokuphawula kwakhe ngoLwesibili ebusuku, wathi ungummeli othuthukisa ibhola labesifazane.
“Ngimele umdlalo wabesifazane futhi nginothando lokuthuthukisa amathuba okuthi abesifazane namantombazane bathuthuke,” esho.
Lo mdlalo ubuhanjelwe ngabantu abangu-15 348 – okuyisibalo esiphezulu kakhulu emdlalweni wabesifazane kuleliyazwe.
“Ngifisa ukuxolisa ngokuphawula kwami engikusho esithangamini sabezindaba ngemuva komdlalo izolo ebusuku,” kusho uShiels.
Iningi labadlali bebhola likanobhutshuzwayo kanye namalungu ezigungu ezilawula ibhola labesifazane bamgxekile uShiels ngokuphawula kwakhe, kokuthi athi “abanalusizo” futhi babuyisela umdlalo emuva.
Umthombo wesithombe: @TheScotsman