Everson Luhanga
Ilungu lekomidi lemeya kamasipala waseGoli (MMC) uDavid Tembe useqinisekise abahlali base-Alexandra – abaphuma emazweni angaphandle kanye nabaseNingizimu Afrika – ukuthi bazovikelwa umthetho.
UTembe, owayeyisikhulu somnyango wamaphoyisa kamasipala waseGoli, uvakashele elokishini lase-Alexandra elinezinkinga ngoLwesibili okwesibili kusukela ngoMsombuluko.
Ukuvakasha kwakhe kulandela ukungqubuzana phakathi kwamalungu enhlangano emelene nabaphuma emazweni angaphandle kuleli iDudula Movement nabaphuma emazweni angaphandle abaqhuba amabhizinisi emijondolo ngaphandle kwase-Pan Africa Mall.
“Sinawo womabili amaphoyisa kamasipala namaphoyisa akwa-SAPS ukuze kuphephe abahlali base-Alexandra, abaphuma emazweni angaphandle kanye nabaseNingizimu Afrika,” usho kanje.
UTembe uthe amaphoyisa angeke ananaze ukubopha noma ngubani owenza izinto eziphambene nengalo yomthetho, ngoba azobonakala kuze kube siyadamba isimo esishubile kwelinye lamalokishi ampofu kakhulu futhi elinabantu abaningi ezweni.
Ukuvakasha kukaTembe e-Alexandra bekuzoqinisekisa ukuthi isimo siyadamba ngemuva kokuthi amalungu eDudula Movement esabise ngokuvala ilokishi ethi awabafuni abaphuma emazweni angaphandle abazoqhuba amabhizinisi endaweni.
UMajor-General Max Masha, uKhomishana wamaPhoyisa esifundeni saseGoli, ukuqinisekisile ukuthi abasolwa abayisithupha baboshwe ngoMsombuluko nangoLwesibili kanti bazovela enkantolo maduze.
Le ndawo ibithule ngoLwesibili kwaze kwashaya ihora lesibili ntambama lapho amaphoyisa aphoqeleke khona ukuthi ahlakaze isixuku ngamabhomu.
Ngemuva kwalokho, isimo siye sadamba futhi abantu abambalwa baseNingizimu Afrika bakwazile ukuvula izindawo zabo zokudayisa baqhubeka nokuhweba. Ngezithuba zabo-5 ntambama, izimoto zamaphoyisa ziqale ukuphuma enxanxatheleni yezitolo, nalabo abebevule izitolo zabo bavele bazivala.
I-Alexandra Community Policing Forum ikugxekile ukuhlaselwa kwabaphuma emazweni angaphandle, ikubiza ngokuthi ukucwaswa kwabaphuma emazweni angaphandle.
Esitatimendeni esikhishwe ngoMsombuluko, usihlalo uChris Mabunda unxuse abahlali base-Alex ukuthi bangazibandakanyi nemibhikisho yokucwasa abaphuma emazweni angaphandle eyenziwa yiDudula Movement.
“Sicela abaholi abathintekayo kulo mkhankaso ukuthi bahlangane babenesivumelwano futhi bangaboni impinda yango-2008 lapho okwashiswa khona indoda yase-Mozambique kwesinye isigameko sokuhlasela abaphuma emazweni angaphandle,” usho kanje.