
Celani Sikhakhane
Ukushona kukafakazi woMbuso ecaleni lenkohlakalo ye-Covid-19 sekuholele ekutheni kube nezinsongo zokubulawa kukaMqondisi-Jikelele ehhovisi likaMengameli uPhindile Baleni.
Uthole izinsongo zokubulawa nencwadi efuna ukuthi akhulule labo ababeboshelwe ukubulala ngesihluku isikhulu sikahulumeni uBabita Deakoran.
Le ncwadi iphinde ifune ukuthi uBaleni atshele uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi angaqhubeki nemiphumela yekhomishini yokulawulwa kombuso.
Okhulumela uMengameli uVincent Mangwenya uthe lezi zinsongo ziqhamuka “kumuntu noma abantu ababonakala befuna ukuthikameza iHhovisi likaMengameli ukucubungula ngokutholwe yiKhomishana yezoBulungiswa.”
Lokhu kubandakanya okutholwe ezinsolweni zokulawulwa kombuso, inkohlakalo nokukhwabanisa embonini kahulumeni okuhlanganisa nezinhlaka zombuso.
Incwadi ikubeke kwacaca ukuthi noma ikuphi lapho uBaleni athuthela khona uhlezi ebhekiwe ukuthi uyaphi ngaso sonke isikhathi.
UMangwenya uthe uBaleni uthola ukuvikeleka ukuze akwazi ukuqhubeka nemisebenzi yakhe ebucayi, okuhlanganisa ukuba nguNobhala weKhabhinethi kanye nomgqugquzeli weForamu yaBaqondisi-Jikelele baseNingizimu Afrika.
“Impi yokulwa nobugebengu nenkohlakalo ngeke ithikamezeke ngenxa yalokhu kusatshiswa kukaBaleni,” kusho uMangwenya.
UMengameli ubhekene nengcindezi yokuthi athathele izinyathelo zomthetho labo abathintekayo mayelana nemibiko yokulawulwa kombuso ekhishwe iJaji uRaymond Zondo.
Ngonyaka odlule uMphathi wamaJaji uZondo naye wasatshiswa ngokubulawa ngabantu ababezwelana nowayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma.
Izithombe nekheli lomndeni kaZondo ose-Hillcrest, eThekwini kwasatshalaliswa ezinkundleni yilabo ababengahambisani nemiphumela yombiko wokulawulwa kombuso nokuboshwa kukaZuma.
Kwaphinde kwaba nezinsongo zokuthi umuzi wakhe uzoshiswa. Abantu babelandela ngisho nezivakashi zakhe ezazisuka enxanxatheleni yezitolo eziseduze uma ziya kwakhe.
Umthombo wesithombe: @News365