Lubhalwe nguZavela Makwabe
Isithunywa soMnyango wezeMpilo sasicabanga ukuthi siphumelele ngokwenza umkhonyovu ongenangqondo ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.
Kodwa akazange akucabange kahle lokho, wabanjwa futhi ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele ngamacala okukhwabanisa.
Ekuqubukeni kwalolu bhubhane ngoMandulo ngo-2020 izinqubo zezwe zokuthengwa kwempahla zasebenza ngendlela ehlukile kunejwayelekile. Kungaleso sikhathi lapho u-Ayanda Matinise abona khona ithuba wabe ese-oda izifonyo ezingu-700,000.
Umsolwa (37) waseMthatha wasayina waphinde wathumela incwadi yokuzibophezela yomgunyathi kwa-Falaz Protection Services (Pty) Ltd wa-oda izifonyo zohlobo lwe-KN95 ngemali engu-R23.7 million. Wathi uMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape uzibophezele ekuthengeni le mpahla.
“UMatinise wasebenzisa ukusondelana nehhovisi likaNgqongqoshe wangaleso sikhathi uSindiswa Gomba ukwenza lo mkhonyovu ngesikhathi izwe liseSimeni Senhlekelele, nokuyinto eyavumela ukuthi kuphambukwe ezinqubweni ezijwayelekile zokuthengwa kwempahla,” kusho okhulumela i-National Prosecuting Authority (NPA) uLuxolo Tyali ngoLwesithathu.
Ngokobufakazi obethulwe enkantolo ezimele yobugebengu eMthatha, izifonyo zahanjiswa eMnyangweni wezeMpilo e-Eastern Cape ezitolo zesifunda sase-OR Tambo.
UFalaz wabona ukuthi kukhona okushaya amanzi ngesikhathi befuna imali yabo. Umqondisi wenkampani waze wakhokhela uMatinise u-R3 000 ukuze asheshise ukukhokha.
Kodwa izikhulu ezibhekele
ukukhokha kanye nokukhishwa kwezincwadi zokuzibophezela eMnyangweni wezeMpilo zazingenalo ulwazi ngale ncwadi yomgunyathi yokuzibophezela.
“Inkampani yanquma ukuqoqa lo mthwalo, kodwa inqwaba yawo yayingekho okuhlanganisa nezifonyo ezingu-130,000 ze-KN95 nezingu-70,000 zokuhlinza ezingabiza u-R2.6 million,” kusho uTyali.
Wengeze ngokuthi uhlelo lukaMatinise lwezehlakalo lushintshe okungenani kathathu ngesikhathi ephekwa ngemibuzo.
UMatinise uwaphikile amacala. Kunalokho wabhixa izikhulu ezaluma abakwasidlodlo indlebe kulokho iziphathimandla ezikubize ngenkohlakalo enkulu.
Akukacaci ukuthi kwenzakalani ngezifonyo ezilahlekile noma ukuthi uMatinise wayesebenza yedwa yini.
Esithombeni esingenhla: U-Ayanda Matinise
Umthombo wesithombe: Twitter