Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Izakhamuzi zaseHanover Park zihlasele iphoyisa ebelijaha umsolwa obehlomile ngoLwesihlanu.
UMkhandlu waseKapa ukhiphe umehlokaboni ka-R20 000 kongaba nolwazi olungaholela kubahlaseli.
U-JP Smith, we-MCM yezokuPhepha nokuVikela, uthe ngezithuba zabo-09:00, iShotspotter ubuchwepheshe bokubona izibhamu obusetshenziswa yilo mnyango ubenze bathola izibhamu eziningi eJohndown, eLonedown naseRyburg.
“Amaphoyisa kamasipala nabezomthetho abone umsolwa obehlomile ebaleka. Elinye iphoyisa limjahe ngezinyawo. Umsolwa uphenduke wakhomba iphoyisa, labe selikhipha isikhali salo ladubula,” kusho uSmith.
Ngemuva kwalokho abasolwa ngokuba ngamalungu ezigelekeqe baqala ukujikijela leli phoyisa ngamatshe.
“Iphoyisa lilimale ekhanda, kwalimala nemoto abebehamba ngayo. Iphoyisa liphuthunyiswe esibhedlela ukuze liyothole ukwelashwa,” kusho uSmith.
“Asiyazi yonke imininingwane ngalesi sigameko. Akukhona okokuqala abantu bephazamisa amaphoyisa enza umsebenzi wawo noma bewalimaze.”
Obehlomile uphunyukile ngesikhathi ababekhona bethatha isibhamu.
USmith uthe kudutshulwe owesilisa waphuthunyiswa esibhedlela ngezithuthi ezizimele.
Isakhamuzi esiligodlile igama sithe baphatheke kabi ngokwenzekile.
“Ngeshwa umphakathi wethu wonke uyahlulelwa ngenxa yalokhu. Amaphoyisa angase aphuze ukuphendula ezigamekweni ezikhona lapha, futhi ngeke siwasole ngoba ayahlaselwa. Akuthina sonke esihlasela amaphoyisa,” kusho isakhamuzi
“Kwesinye isikhathi abantu abangenacala bayadutshulwa, futhi amaphoyisa adinga ukusabela ngokushesha ukuze abasize. Kodwa bangakwenza kanjani lokho uma behlaselwa? Ngiyethemba ukuthi abasolwa bazoboshwa.”
Isithombe esingenhla: Isithombe sevisiyo.
Umthombo: Sithunyelwe