Isikhulu sezokuphepha sizimisele ukukhuculula idolobha laseGoli

Everson Luhanga

Amakhamera athwebula izithombe zezimoto ezihamba ngesivinini angasebenzi, ukulahlwa kukadoti, ukuhweba ezindaweni ezingagunyaziwe kanye nobugebengu obuhlukahlukene ngezinye zezinselelo ezinkulu idolobha laseGoli elibhekene nazo.

Kodwa uDavid Tembe uMMC wezokuphepha komphakathi uthe benza inqubekelaphambili enkulu ekususeni idolobha ezigebengwini nakubantu abaphula imithetho.

Emasontweni adlule inqwaba yamaphoyisa kaMasipala ezindaweni ezehlukene zedolobha abenza umkhankaso kaMasipala obizwa ngoBuya Mthetho okuqonde ububuyiswa komthetho kuleli dolobha. 

Kube nezithombe namavidiyo ezinkundleni zokuxhumana akhombisa ukuthi idolobha lihlanzeke kangakanani.

UTembe uthe idolobha liphinde labona amaphoyisa kaMasipala eshaqa izimpahla aphinde adiliza nezakhiwo zokuthengisa ezigxunyekwe ezindaweni ezingafanele ngaphandle kwezimvume zokuhweba.

“Umkhankaso othi Buya Mthetho uwumsebenzi ohlanganyelwe phakathi kwayo yonke iMnyango esemqoka yedolobha kanye nezinhlaka ezifana ne-JMPD, eZempilo nezemvelo, Ezokuthuthukiswa Komphakathi, Izinkonzo Zengqalasizinda, Umnyango Wezomthetho wedolobha kanye Nokuhlelwa Kwentuthuko ezinye zezinhlaka ezikulo mkhankaso.”

Uthe iGoli liqashe amaphoyisa angu-1 800 enkabeni yedolobha ngoNhlolanja futhi selinyuse isibalo samaphoyisa kuzo zonke izifunda zedolobha.

UTembe uphinde wathinta isihlava sakamuva sokudutshulwa kwabantu abaningi. “Ngenxa yokuthi muva nje sibe nezigameko eziningi zokudutshulwa kwabantu sethule amaphoyisa ngokuhlukana-22, 44, 88 ubusuku nemini njengeqhinga lethu lokunqanda ubugebengu simisa nezimoto ukuzibheka ukuthi zimele yini ukuba semgwaqeni.”

UMnu Mathokoza Kgaswane ongumqondisi ehhovisi lenkosi ye-JMPD uthe ezinye zezingqinamba ababhekene nazo amakhamera asemgwaqeni angasebenzi yonke indawo.

“Sisebenza kanzima ukwenza isiqiniseko sokuthi siyayiqeda inkontileka yethu nabahlinzeki abasha ukuze amakhamera emigwaqo abuyele esimeni.

“Idolobha lilahlekelwa imali ngalokhu. Nokho sinamaphoyisa asebenza ngemithetho yomgwaqo,” kusho uKgaswane.

Uthe kuze kube imanje amaphoyisa asebophe inqwaba yabantu abashayela ngamalayisense angumgunyathi, abahluleka ukuma ngemuva kwemiyalelo yamaphoyisa, ukuba nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nabaduni nabashayeli abangu-1,844 abaphuzile.

UTembe uthe ubudlelwano babo bokusebenzisana ne-SAPS nezinye izinhlaka zomthetho njengezinkampani zonogada buhle ekulweni nobugebengu edolobheni.

Izihloko zakamuva