Isikhulu seqembu le-ANC simangalela indoda ayidubula ngokumehlisa isithunzi

Celani Sikhakhane

NgoLwezi ngonyaka odlule, ilungu le-ANC eliphezulu KwaZulu-Natali kusolwa ukuthi ladubula unogada amahlandla ayisishiyagalolunye ngesikhathi unogada emtshela ukuthi akahlanze izandla nge-sanitizer esitolo sezinto zokwakha.

Unogada wahamba waya kocasha futhi waphinde wavula icala lokuzama ukubulala elivulela u-Arthur Zwane, owayengusihlalo weqembu le-ANC eMalahleni KwaZulu-Natali.

KuMandulo kulo nyaka, uZwane usemangalela unogada, uNkosinathi Tshabalala, ngokucekela phansi igama lakhe, waphinde wafaka icala lokuhlaselwa.

UTshabalala uthi lo sopolitiki onamandla wazama ukumfumbathisa ukuze asule icala lokuzama ukubulala, waphinde wafaka ividiyo ekhombisa lezi nsolo ezinkundleni zokuxhumana.

UZwane, owabekwa icala lokuzama ukubulala wahlala ejele amasonto amabili ngaphambi kokuba akhishwe ngebheyili, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uvule icala lokuhlaselwa esiteshini samaphoyisa e-Newcastle elivulela uTshabalala.

Uthe unogada wamhlasela yena kanye nabangani bakhe ababili ayekade eye nabo esitolo sezinto zokwakha ngoLwezi ngonyaka odlule.

“Ngisematasa nabammeli bami ukuze sithole ukuthi ayikho yini into anayo ebambekayo ngemuva kwalokho ngimvulele icala,” kusho uZwane.

Uthi uTshabalala usetshenziswa osopolitiki ukufeza izinhloso zabo, kodwa akakabuvezi ubufakazi balokhu akhuluma ngakho.

Ividiyo ayikhiphile usola uZwane ngokuzama ukumfumbathisa imali eyizi-100,000 zamarandi ukuze asule icala lokuzama ukumbulala.

UZwane uyawaphika wonke la macala: “Angizange ngimthembise imali ngoba nami ngangizivikela. Sasingekho isidingo sokuba ngizame ukumfumbathisa.”

Uthe uTshabalala wathumela abantu abathathu kuyena bezocela imali yokuvala umlomo ukuze asule icala ngemuva kokuba liye enkantolo, uphinde wathi wakunqaba lokho.

“Mina nabangani bami ababili saboshwa izinsuku eziyi-15 ejele lase-Waterval ngecala esingalenzanga.”

Ngaphezulu kokumangalela uTshabalala, uZwane uthi yena nabangani bakhe bazomangalela uNgqongqoshe wamaphoyisa, uNgqongqoshe wezobulungiswa kanye nowayengumphathi kaTshabalala esitolo sezinto zokwakha.

“Amaphepha sesiwahambisile kulaba abathathu, kuyimanje abammeli bombuso kanye nabammeli bami bayaxoxisana,” kusho uZwane.

UTshabalala uphendule wathi akasabi lutho.

“Angangimangalela ngendlela athanda ngayo, kodwa angeke athole lutho. Angisona isicebi. Uma ngabe bengicebile bengingeke ngisebenze njengonogada ngihlambise abantu izandla emnyango nge-sanitizer. Akeze, ezongiqedela ngoba useke walichitha igazi lami ngaphambilini,” kusho uTshabalala.

Umqondisi wezokushushiswa komphakathi KwaZulu-Natali, ummeli u-Elaine Zungu utshele i-Scrolla.Africa ezinyangeni ezedlule ukuthi bekunamadokhethi amabili avumbuka okwakumele babhekane nawo.

“Ngemuva kokubheka wonke amaqiniso ngamadokhethi amabili, babungekho ubufakazi obubambekayo kulolu daba ukuze siqhubeke nalo. Kuyimanje umshushisi wanqaba ukusebenza kulamadokhethi womabili”, kusho uZungu.

Izihloko zakamuva